Uthwetshulwe izithombe osolwa ngokubulala amayengandoda

Ibhalwe ngu-Everson Luhanga

Bekuqala ngqa ukuthi kuvunyelwe amakhamera ngaphakathi enkantolo ngesikhathi osolwa ngokubulala amayengandoda evele phambi kwemantshi.

USifiso Mkhwanazi (21) osolwa ngokubulala abadayisa ngomzimba abayisithupha izidumbu zabo ezitholwe ebhilidini eGoli uvele eNkantolo yeMantshi yaseGoli ngoLwesibili ekuseni.

Egqoke ijezi elimnyama uMkhwanazi ungene enkantolo egcwele phama ebheke phansi ebhekise ikhanda phansi sonke isikhathi ngesikhathi emi ebhokisini.

Ummeli woMbuso u-Advocate Tshepo Mhange Ka Mzizi, uthe ummangalelwa unelungelo lokuvakashelwa esikhungweni sokuhlunyeleliswa kwezimilo.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi kuvele ukuthi umsolwa ubengafuni ukuthi uyise amvakashele.

Kuthiwa njalo uma ubaba evakashele indodana yakhe ubeyicela ukuthi ivume amacala ayo.

“Ngincenga inkantolo ukuthi iveze ukuthi umsolwa uyafuna yini ukuthi uyise amvakashele noma cha, angifuni ukusolwa ngokuncisha umsolwa ilungelo lakhe lokuvakashelwa,” kusho uMzizi.

Odayisa ngomzimba obeyingxenye yabahlonze izidumbu uthe ubenesinye sezisulu ngesikhathi umsolwa emlanda.

“Ulande umngani wami wangabe esambuyisa, ngishaqekile ukuthi ubulale umngani wami,” esho.

Lona wesifazane uchaze umsolwa njengendoda ethandekayo engakhombisi izimpawu zodlame.

“Sinovalo lokuthi uma engathola ibheyili uzosiqeda sonke,” esho.

Uthe bakhona abanye abadayisa ngomzimba abanyamalale kungazelele muntu. Uthe bangaphezu kweshumi abanye abadayisa ngomzimba abadukile lapho abesebenza khona futhi abanaso isiqiniseko sokuthi bashonile noma bayaphila yini.

“Abanye babangani bethu asisababoni. Ekuqaleni besicabanga ukuthi bathuthele kwezinye izindawo kodwa ngemuva kokuthi kuvele lezi zindaba siyesaba ukuthi nabo bengaba izisulu zakhe,” kwengeza odayisa ngomzimba.

IMantshi uBetty Khumalo uhlehlisele icala kumhlaka-31 kuMfumfu ukuze umsolwa afake isicelo sebheyili.

Ngaphandle kwenkantolo iqeqebana labadayisa ngomzimba kanye nezishoshovu zobulili bahlangane ndawonye becula izingoma ezithi kuhoxiswe ukubandlululwa kwabadayisa ngomzimba.

Isithombe esingenhla: USifiso Mkhwanazi

Umthombo wesithombe: Everson Luhanga

Izihloko zakamuva