
Celani Sikhakhane
UNomfundo Moh Ngcobo uthole okungaphezu kwalokho abekulindele ngesikhathi ehambele umcimbi wokuthweswa kwakhe iziqu eNyuvesi yaKwaZulu-Natal ngoMgqibelo.
Ngaphezu kweziqu zakhe ze-bachelor kwi-Social Work uNomfundo uphinde waklonyeliswa nge-plaque ye-Platinum kabili ngengoma yakhe eshisa izikhotha ethi Phakade Lami.
Le ntokazi nengoma yayo iphendule umcimbi wokuthweswa kweziqu kwaba ikhonsathi ngesikhathi kubizwa igama layo ukuze igibele esiteji khona izokwamukela isitifiketi seziqu.
Lolu suku lwenziwe lwaba olukhethekile kakhulu ngesikhathi kudlalwa ingoma yakhe yakamuva ethi Soft Life esesiteji kanti abafundi bavele basukuma bajabula kanye naye.
UNomfundo ukhulele emakhaya ase-Ndwedwe enyakatho neTheku.
Uthe bekunzima ukufunda ematasatasa ngomsebenzi wakhe womculo kodwa lokho kuzinikela kwamsiza ukuthi agcine ephothule iziqu zakhe.
Ithimba lakhe labaphathi lihlele ukumklomelisa nge-platinum ephindwe kabili yengoma ethi Phakade Lami esibukwe abantu abangaphezu kuka-9.5 million kwi-YouTube kanye nabantu abangaphezu kuka-3 million ku-Spotify.
UNomfundo uphinde abe ngumculi osafufusa we-Apple Music’s Africa Rising.
“Ngizizwa ngithobekile ngothando engiluboniswe iqembu lami nabalandeli,” kusho uNomfundo.
“Ukuqeda iziqu zami kufakazela ukuthi ngingakwazi ukufeza noma yini engibeka kuyo umqondo wami.”
Kumndeni wami nabalandeli ngiyabonga ngokuthenga umculo wami. Ngiyabonga ngothando enilokhu ningikhombisa lona kanye nobuciko,” kusho uNomfundo.