Uthwele kanzima uZamanguni Mzimela ozama ukuvusa ibhizinisi likababa wakhe elawa ngesikhathi sokuzitapela ezitolo

Lungani Zungu

UZamanguni Mzimela ubuke ibhizinisi elakhiwa ubaba wakhe uMzomuhle kanzima elisusa phansi liwa kancane ngesikhathi kusuka uthuthuva ngoNtulikazi.

Leli ibhizinisi alithatha ngowezi-2015 ngesikhathi eshiya umsebenzi wakhe wokufundisa ukuze anake ibhizinisi likababa wakhe lokudayisa i-gas.

“Kungizwisa ubuhlungu ukuthi abantu abacekele phansi ibhizinisi likababa baqhamuka emphakathini” kusho uZamanguni, othwele kanzima ezama ukuvusa ibhizinisi lakubo endaweni yezinxanxathela yezitolo ebizwa ngePhilani esendaweni yaseMlazi eNingizimu yaseThekwini.

Leli bhizinisi ilona elimphilisayo – ukuqhubeka nefa likababa wakhe kubukeka kuwumqansa omkhulu kuZamanguni – okwimanje ucela usizo kunoma ubani ukuze akwazi ukuvusa ibhizinisi likababa wakhe.

“Sekunzima nokubeka ukudla etafuleni ukuze ngondle umndeni wami ngoba babheke mina. Singalithokozela usizo nanoma iluphi ukuze ngikwazi ukuvusa ibhizinisi likababa” kusho uZamanguni.

Izigebengu zacekela phansi izinxanxathela zezitolo ezingama-200 esifundazweni sase-Gauteng naKwaZulu-Natali ngoNtulikazi, kulandela ukuboshwa kowayenguMengameli wezwe uJacob Zuma mhla ziyi-7 ngoNtulikazi.

UZamanguni uthe ulahlekelwe imali eyi-R80,000.

Ukuphangwa kwesitolo sakhe kuhlukumeze namakhasimende ahamba ibanga elide ukuze athole i-gas.

Akusizi lutho njengoba indawo yenxanxathela yezitolo asebenza kuyo isavaliwe. 

Uthuthuva lokuzitapela elathatha isonto lonke selenze iNingizimu Afrika yalahlekelwa imali eyizigidigidi ezingama-50 zamarandi kumnotho obuvele untengantenga futhi lokhu sekuholele ekutheni abantu abaningi, kubalwa noZamanguni balahlekelwe imisebenzi

Lo wesifazane oqine njengensimbi uZamanguni, usethathe isifungo sokuthi uzolwa aphinde avuse ibhizinisi likababa wakhe.

Izihloko zakamuva