Uthwele kanzima umphakathi ongaphansi kukamasipala waseMkhanyakude

Celani Sikhakhane

Umphakathi obambene ngezihluthu kumasipala waseMkhanyakude usazobhekana nobunzima njengoba yonke imisebenzi ebiyenziwa umasipala endaweni imisiwe. 

Emasontweni amabili adlule, abasebenzi babeke phansi amathuluzi okusebenza ukuze baphoqe uNgqongqoshe wokubambisana nezindaba zomdabu, uSipho Hlomuka ukuba axoshe umphathi uBamba Ndwandwe. 

UNdwandwe ubekwe izinsolo zokuhluleka ukwenza isiqiniseko sokuthi abasebenzi bakhokhelwa ngesikhathi njalo ngenyanga. 

Lo mbhikisho ushiye izinkulungwane zamalungu omphakathi zingenamuntu ozozihlinzeka ngosizo oluyisisekelo. 

Ukuphuma kwamanzi kuphazamisekile ngenxa yokuthi amaloli agcwalisa amathangi amanzi awasakwazi ukufika. Amanye amaloli abesetshenziswa ukuvala indlela engenela esikhungweni sikamasipala. 

NgoMsombuluko, uHlomuka kanye nezithunywa basizwe amaphoyisa ukuze bakwazi ukungena esikhungweni sikamasipala ngemuva kokuba umphakathi uvimbe isango lapho kukhona amathangi amanzi. 

UMthembeni Mdletshe, umhlali waseMtubatuba, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi isimo kumasipala sivele saphuma esandleni abakwazi ukuthola izinsizakalo. 

“Lo masipala usenkingeni futhi angiboni ukuthi uyophinde usebenze ngendlela ejwayelekile. Njengoba sikhuluma nje, sitshelwe ukuthi kungenzeka singawatholi amanzi ngenxa yokuthi abahlinzeki bezinsizakalo sekuphele izinyanga bengakhokhelwe imali yabo,” kusho uMdletshe. 

Le mibhikisho yabasebenzi kumasipala waseMkhanyakude izinkinga zakamuva njengoba umasipala ubukhungethwe amahlazo enkohlakalo kanye nokuhluleka ukuletha izidingo. 

NgoNcwaba, onikeza ngezinsizakalo uDreyer Senekal, umphathi wedamu elikhulu endaweni yaseJozini, utshele i-Srolla.Africa ukuthi ubesezinhlelweni zokuhoxisa izinsizakalo zakhe ngenxa yokungakhokhelwa. 

NgoMbasa, umasipala wabhekana nenkinga yobuholi, ngesikhathi amakhansela eqembu le-ANC kanye ne-IFP bebanga isikhundla sokungena ehhovisini lemeya. Ngesikhathi kwenzeka lokhu umphakathi owathwala kanzima ngale mpikiswano. 

Ngenyanga elandelayo, kwalahleka izigidi ezi-135 zamarandi kwisabelomali kamasipala. 

Okhulumela i-Cogta uSenzelwe Mzila utshele i-Scrolla.Africa ukuthi abasebenzi bavumelene noNgqongqoshe ukuba babuyele emsebenzini ngokushesha kanti izikhalazo zabo zizoxazululwa maduzane. 

Izihloko zakamuva