Uthwele kanzima ekutholeni umsebenzi u-Oscar Pistorius

Kusinda kwehlela ngempilo ka-Oscar Pistorius njengoba imizamo yakhe yokuthola umsebenzi kwi-International Paralympics Committee ingaphumelelanga kulandela ukuphuma kwakhe ejele ngoshwele ngoMasingana.

Kuthiwa ilungu lale nhlangano lithe ungumuntu onothuthuva uPistorius futhi angeke bangakwazi ukusebenza naye manje.

Manje uPistorius usiza ukunakeke ukuhlanza isonto e-NG Kerk Waterkloof ePitoli, okuyisonto umalume wakhe akhonza kulo kubika i-Daily Mail.

Indlela ayiyo nokuziphatha kwakhe sekushintshile kusukela ephuma ejele, kusho abanye abake bambona.

“Ngacishe ngamdlula ngingamboni,” kusho ilungu lebandla elabona uPistorius ngenyanga edlule. “Izinwele zakhe zinde futhi unentshebe akasajwayelekile.”

Elinye ilungu lesonto lathi akahleki nje futhi ukhombisa ukuziqhelelanisa nabantu.”

Lo msubathi usalokhu emile kwelokuthi ubelokhu wayecabanga ukuthi intombi yakhe, uReeva Steenkamp isigebengu ngesikhathi edubula kane endlini yokugezela emzini wakhe osePitoli wambulala.

Engxoxweni ehlengezelisa izinyembezi ngo-2016, uthe: “Ngayithatha impilo kaReeva, futhi kufanele ngiphile nakho lokho impilo yami yonke.”

Umsubathi wangaphambili wama-Olympics kanye ne-Paralympic obizwa nge-Blade Runner ngenxa yemilenze yakhe ye-carbon-fibre, wake waba yintandokazi emhlabeni wezemidlalo kanye nezwi eliyingqalabutho kubasubathi abakhubazekile. Uqophe umlando njengoba kwakuyena yedwa oyi-double amputee (onqunywe imilenze yomibili) ukuqhudelana kuma-Olympics.

Njengamanje uhlala endlini kamalume wakhe u-Arnold eWaterkloof, uPistorius uqashwe ngeso elibukhali yisikhulu futhi kumele alandele imibandela eqinile. Lokhu kuhlanganisa ukuhlolwa kwezidakamizwa notshwala, imikhawulo yokuxhumana nomndeni wakwa-Steenkamp, ​​imisebenzi yenkundla yezokuxhumana, izingxoxo, nokushicilelwa kwezigigaba zempilo yakhe (memoirs).

AbakwaReuters babike ngasekuqaleni konyaka ukuthi uPistorius uzodingeka ukuthi ahambele amakilasi okulawula ulaka olubhekiswe kwabesifazane futhi aqhubeke nokwelapha intukuthelo yakhe.

Isigwebo sakhe sokuqala senyuswe ngemuva kwesikhalazo sabashushisi, okuholele ekutheni adonse ejele isikhathi eside esizophela ngoZibandlela ngo-2029.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Isithombe ngenhla: U-Oscar Pistorius.

Umthombo wesithombe: Ifayela

Izihloko zakamuva