Uthuthuva abazali belwela izingane zabo ezichithwa isikole eTsitsikamma

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Kusuke uthuthuva esikoleni samabanga aphezulu eQhayiyalethu eTsitsikamma ngesikhathi abazali bevuka indlobane belwela izingane zabo ezinqatshelwa ukubhalisa kulesi sikole.

Abafundi abangu-150 baseTsitsikamma e-Eastern Cape, bazithola behleli emakhaya ngenxa yokungasitholi isikole. 

Abazali babafundi abathintekayo batshele I-Scroll.Africa ukuthi uMnyango wezeMfundo esifundazweni uthembise ukuhlinzeka ngamagumbi angeziwe esikoleni samabanga aphansi eTsitsikamma azosetshenziswa abafundi bezikole zamabanga aphezulu kodwa lokhu akwenzekanga.

“Ayikho ingane ezofika esikoleni njengoba eyami ihleli ekhaya. Bangabakhipha kanjani ekutholeni okuyilungelo labo? Akulungile lokhu abakwenzayo,” kusho omunye umzali.

Abafundi bangakwazi ukuyobhalisa ezikoleni ezisedolobheni eliseduze e-Kareedouw noma i-Plettenberg Bay, ebangeni elingamakhilomitha angu-40 no-70 km ngokulandelana, noma i-Humansdorp eqhele ngamakhilomitha angu-80 noma ukungayi nhlobo esikoleni.

Izinto zokuthutha abafundi azibuzwa: UNdunankulu u-Oscar Mabuyane uvumile ukuthi isifundazwe sinemali yokuthutha abafundi abangamaphesenti angu-70 kuphela.

Omunye umzali uthe ezinye zezingane zicela ukugitsheliswa kanti lokho akuphephile.

“Zonke izindawo ezakhelene zithintekile futhi sidinga izimoto zokuhamba zezingane zethu bahlezi bekhuluma into eyodwa bengayifezi.”

Abazali abaningi abazange bafake izicelo eQhayiyalethu kusenesikhathi ngoba babekholelwa ukuthi izingane zabo zizohlaliswa kulo nyaka esikoleni samabanga aphansi.

Kodwa-ke isigungu esilawula isikole iTsitsikamma sithe akuzange kuxoxwe ngezinhlelo zokuguqula ingxenye yesikole ibe yisikole samabanga aphezulu.

“Siyicelile imiyalelo esemthethweni ngencwadi futhi kuze kube inamuhla asikayitholi,” kusho uBurton Mlandu, oyilungu le-SGB yaseTsitsikamma esikoleni samabanga aphansi.

“Asisho ukuthi isikole asingaguqulwa kodwa lokhu kumele kwenziwe ngemigudu efanele.”

Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni, uMnuz Malibongwe Mtima uthe basezinhlelweni zokukhipha isinqumo ukuthi amagumbi okufundela angeziwe azokwakhiwa yini.

 “Siyalwazi lolu daba futhi sekuke kwaba nemihlangano eyahlukene yokushintsha isikole sibe esamabanga aphezulu ukuze abafundi bangahambi ibanga elide,” kusho uMtima.

“Sesivele sikuhlelile ukuthunyelwa kothisha nezinto zokubhala. Kudingeka umhlangano wokuphothula lokho ukuze kuqinisekiswe ukwakhiwa kwesikole.”

I-SGB yaseTsitsikamma esikoleni samabanga aphansi isilufake enkantolo lolu daba.

Isithombe esingenhla: ingaphakathi legumbi lokufundela

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva