Uthungathwa amaphoyisa umnyeni kasaziwayo

Lubhalwe nguKhaya Ndaba

UNzuzo Nkuthulo Njilo, ongumnyeni kasaziwayo odumile uFaith Nketsi usenkingeni yomthetho futhi!

Kulokhu, ufunwa ngamaphoyisa ngemuva kokuthi kukhishwe incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe ngomhlaka-18 kuMbasa ngoLwesibili.

UNzuzo akafunwa yedwa, kodwa ufunwa nomngani wakhe uKwanda Ntshangase.

Izinkinga zezimali nezomthetho zikaNzuzo zaqala ngesikhathi inkampani yakhe yezimayini, i-NN Chrome Mining imbandakanyeka  kwinkohlakalo.

Waboshwa wasala ecwile ezikweletini ngemuva kokuba isivumelwano semali engu-R978,104 singazange siphumelele nyakenye. 

Kodwa kubonakala sengathi imigilingwane yakhe ayigcinanga lapho.

Ngokusho kukaColonel Robert Netshiunda laba bobabili kusolwa ukuthi bazenze abadayisi benza sengathi badayisa iloli ngo-2021.

“Umthengi owayengazi ukuthi uyaluthwa waya eyobuka iloli endaweni edayisayo e-Boksburg wabe esekhokhela abasolwa ababili isamba semali esingadalulwanga. Iloli alizange lilethwe kanti nabo babengasabonwa,” kusho uNetshiunda.

Amaphoyisa athole ukuthi imininingwane ethile yesivumelwano sokudayisa iloli ibiwumgunyathi, kanti sekuvulwe icala lokukhwabanisa.

Abasolwa ababili kuthiwa basendaweni yaseMgungundlovu kanti amaphoyisa acela usizo emphakathini ukuze athole ukuthi bakuphi.

Osesithombeni esingenhla: UNzuzo Nkuthulo Njilo

Umthombo wesithombe: I-SAPS

Izihloko zakamuva