
Everson Luhanga
Izidumbu bezisakazeke umgwaqo nasemagcekeni emizi yabantu ngemuva kokuba amaphoyisa atholane phezulu nabasolwa abacishe babe ngamashumi amabili abakade bezama ukubamba inkunzi endaweni yaseGoli e-Rosettenville.
Amaphoyisa avimbezele abasolwa abangu-25 endaweni kulandela ukuhluleka kwabo ukugebenga imoto ephatha imali ngoMsombuluko ebsuku.
Amaphoyisa adubule abulala abasolwa abayishumi kwathi abanye balimala ngesikhathi kudutshulwana.
Kushone iphoyisa elilodwa kwalimala amahlanu aphuthunyiswa esikhungweni sezempilo ngendiza enophephela emhlane.
Abasolwa bebefuna ukucasha ngesikhathi indiza yamaphoyisa indizela phezulu idubula izinhlamvu ziqhamuka esibhakabhakeni. Abanye abasolwa baphindisele ngenhlamvu kwadubuleka elinye lamaphoyisa endizeni enophephela emhlane.
Akukacaci noma iphoyisa elidutshuliwe yini.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Bheki Cele ohambele indawo yesigameko uthe amaphoyisa abophe abasolwa abayisishiyagalombili, iningi labo abaqhamuka e-Zimbabwe naKwaZulu-Natal.
Omunye umsolwa ongowase-Botswana kuthiwa nguyena ungqondongqondo.
Igama lakhe lisohlwini lwabafunwa kakhulu ngamaphoyisa kulandela ubugebengu aseke wabenza.
Amaphoyisa athole izibhamu zohlobo lwe-AK47 kanye nezinye izibhamu ebezisetshenziswa abasolwa endaweni yesigameko, kanye nezimoto eziyisithupha ezebiwe.
Isakhamuzi sakule ndawo sichaze lesi sigameko njengesinye esake senzeka entshonalanga eduze nesibhedlela sase-South Rand.
Abanye ofakazi batshele i-Scrolla.Africa ukuthi isigameko besifana ne-warzone.
“Bengithukile kodwa ngahluleka ukuzibamba. Ngithathe izithombe namavidiyo okuqhuma kwesibhamu kumakhalekhukhwini wami,” kusho omunye obebukele, wengeza ngokuthi isigameko sokudubula siqhubeke imizuzu eyisishiyagalombili.
“Bekuthusa kodwa obekuthusa kakhulu ukuzwa umsindo wokuqhuma kwezibhamu esiwugcina uma sibukela amafilimu.”
UGrace Langa, okhulumela i-Independent Police Investigative Directorate (IPID) obesendaweni yesigameko, ukuqinisekisile ukuthi okungenani abasolwa abayishumi bashonile ngesikhathi kudubulana abasolwa namaphoyisa.
“Kutholwe izibhamu ezingu-12 kanti kutholakale izinhlamvu ezibalelwa ku-100 endaweni yesigameko,” kusho uGrace.
Abe-IPID bathi sebelawule indawo yesigameko. ULanga uthe abasolwa abayisikhombisa basagcwele izinkalo.
Lolu daba lusaqhubeka.