Dylan Bettencourt
Ukukhala kwempempe yokugcina emdlalweni we-Nigeria ne-Ghana ngoLwesibili kube sekucacisa ukuthi ama-Super Eagles ahlulekile ukungena eNdebeni yoMhlaba yangonyaka ozayo.
Ngemuva kwalokho kube sekusuka omkhulu umsindo ngesikhathi abalandeli bengena enkundleni ngentukuthelo.
Abalandeli abakade bethukuthele bajikijele izinto enkundleni beziqondise kubadlali base-Ghana nabalandeli babo.
Ezokuphepha enkundleni elayisha abantu abangu-60 000 i-Moshood Abiola National azizange zikwazi ukumelana nokuhlasela obekwenzeka, okuphoqe ukuthi abadlali be-Black Stars bacele empunzini.
Ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesigameko, kube nevidiyo eqoshiwe eveza amaphoyisa ehlakaza isixuku ngezinduku futhi esebenzisa isisi esikhalisa unyembezi ukuhlakaza abalandeli.
Ama-Super Eagles aguqe ngesikhathi umdlali wasesiswini we-Arsenal uThomas Partey eshaye igoli ngasekuqaleni komdlalo.
Iphenathi kaWilliam Troost-Ekong idonse amaphuzu kodwa akwanelanga njengoba, i-Ghana isizwe amagoli abawashaya bedlala ezweni labo.
Lokhu kusho ukuthi i-Nigeria iphoxeke kabili kulonyaka ngemuva kokuthi ikhishwe kowe-Africa Cup of Nations (Afcon).
Lo mphumela usho ukuthi okokuqala ngqa i-Nigeria ihluleka ukungeni eNdebeni yoMhlaba kusukela ngonyaka-2006.
I-Nigeria isivele amahlandla ayisithupha eNdebeni yomhlaba kwayisikhombisa kodwa ukwehluleka kwayo ukungena e-Qatar kugqamisa ukuwa kwama-Super Eagles ahluleke ukwenza kahle iminyaka eminingi futhi angakaze aphumelele kusukela ngonyaka ka-2006.
I-Ghana, njengoba izoya kwiNdebe yoMhlaba ese-Qatar izobe isivela okwesine kulo mqhudelwano ngemuva kokwehluleka ukufinyelela kumqhudelwano ka-2018 e-Russia.
Leli qembu ladlala kahle eNdebeni yoMhlaba ka-2010, lafinyelela kuma-quarter final kodwa laphuma kwithonamenti ngenxa yezimo ezithile ezingezinhle. Isihlabani sase-Uruguay uLuis Suarez uvimbe ibhola emugqeni wepali ukuze avimbele ukunqoba kwe-Ghana ngemizuzu yokugcina, kanti umgadli wase-Ghana u-Asamoah Gyan uzovele ashaye iphenalthi yakhe phezulu. I-Uruguay iqhubekile nokuwunqoba umdlalo.
Umthombo wesithombe:@TheTimes