Lubhalwe nguSandiso Phaliso
Kusuke isidumo ezingxenyeni ezithile zaseKapa ngoMsombuluko ngesikhathi kushiswa amabhasi amathathu, izimoto zakhandwa ngamatshe emgwaqeni u-N2 kwadutshulwa nomshayeli wetekisi.
Bekungokokuqala kuvalwa amatekisi izinsuku ezimbili.
Kuphinde kwaphazamiseka abafundi bakamatikuletsheni abangu-30 000 abebehlelelwe ukubhala, kanye nezinkulungwane zabagibeli.
Nezimoto ze-Dial-a-Ride zabantu abanezidingo ezikhethekile zimisiwe.
Ilokishi lase-Khayelitsha ilona okuke kwaqubuka kulo udlame, kanti iziphathimandla zithi le ndawo ilapho okusuke khona izinxushunxushu. Ezinye izindawo ezithintekile kubalwa Imizamo Yethu, e-Hout Bay nase-Dunoon eduze komgwaqo onguthelawayeka u-N7.
Ibhasi lakwa-Golden Arrow lidunwe e-Khayelitsha linabagibeli ngaphakathi, kodwa ngokushesha latholwa abomthetho kwakhona oboshwayo ngalesi sigameko.
Amaphoyisa e-LEAP asetshalwe lapho okugcinwa khona amabhasi e-Golden Arrow kanye ne-MyCti ezungeze i-Khayelitsha ukuqinisekisa ukuphepha.
Imizila ethintekile ihlanganisa umgwaqo uPama, uMongezi, uSteve Biko Drive noJaphta K Masemola.
Izikhungo eziningi zezingcingo eKapa zicele abasebenzi bazo ukuthi balale emsebenzini ngeSonto ebusuku ukuze bagweme ukuphazanyiswa ukuvalwa kwamatekisi okuhleliwe.
Abasebenzi abathintekile bathi bacelwe ukuthi beze nezingubo zokulala nokunye okubalulekile uma bengenzi njalo bazoxoshwa.
Osebenza esikhungweni sezingcingo ongathandanga igama lakhe lidalulwe ukuvikela umsebenzi wakhe utshele i-Scroll.Africa ukuthi “Angizange ngilale cishe amahora angu-24. Silale phansi abanye bebelele ezihlalweni. Uma sekungena abanye emsebenzini kumele silinde ngaphandle uma wenqaba basabisa ngokuthi bazosixosha kanti siyagidinga le misebenzi.”
Kuzocaca ukuthi bangaki abafundi bakamatikuletsheni abaphoqeleke ukuthi bangakwazi ukubhala izivivinyo zabo njengoba kulindeleke ukuthi uMnyango wezeMfundo ukhiphe isitatimende ngasekupheleni kwaleli sonto.
UXhanti Malose owenza umatikuletsheni utshele i-Scrolla. Africa ukuthi: “Ngishayele isikole ucingo futhi kubonakala sengathi siyakuqonda okwenzekayo. Kunedlanzana lethu esikoleni esingakwazanga ukubhala. Angikwazanga ukubeka impilo yami engcupheni nokugibela izimoto.”
UNokwanda Fusi uthe akakwazanga ukuya emsebenzini ngenxa yokuvalwa kwemigwaqo.
“Mina kanye nabantu abaningi sithembele ezintweni zokuhamba zomphakathi uma siya noma sibuya emsebenzini. Kuyingozi ukugibela ibhasi ngoba amabhasi ashaywa ngamatshe uma kuvalwe imigwaqo,” kusho uFusi.
Lesi siteleka sibizwe ngenxa yesinqumo sikahulumeni wase-Western Cape sokuhoxisa uhlelo lokuhlola amatekisi e-Blue Dot ngenxa yezinkinga zesabelomali.
UDaylin Mitchell, uNgqongqoshe wezokuThutha, ukugxekile ukuvalwa kwemigwaqo.
“Ngenxa yezinselelo ezinzima zomnotho esibhekene nazo njengesifundazwe nanjengesizwe ngeke sikwazi ukuthi imboni yamatekisi imise ukusebenza ngisho usuku olulodwa.”
Okhulumela amaphoyisa omgwaqo uKevin Jacobs uthe amaphoyisa omgwaqo abhekelele izigameko zodlame endaweni yase-Khayelitsha kanti uMnyango wakhe uzoqinisekisa ukuphepha kwabashayeli emgwaqeni.
Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Potela Novelwa uthe ukuthunyelwa kwamaphoyisa e-SAPS kuzogxila ekuphazamisekeni okungenzeka nodlame olubhekiswe kwezinye izindlela zokuthutha, kanye nokulinyazwa kwempahla nengqalasizinda.