Uthukuthele ugane unwabu umphakathi onqanyulelwe ugesi

Celani Sikhakhane

Umphakathi waseMasondeza e-Newcastle usola izikhondlakhondla zakwa-Eskom ngokunqamula ugesi wazo.

Umphakathi wasemakhaya KwaZulu-Natal ukhokhele usonkontileka ozimele u-R20 000 umuzi ngamunye ukuze bafake ugesi ngemuva kokuthi uMasipala wawo wehlulekile ukuhlinzeka lo mphakathi ngogesi.

Ilungu lomphakathi uThandazile Mncube utshele i-Scrolla.Africa ukuthi imizi emningi emphakathini isilinde iminyaka engaphezu kwemibili ukuthi uMasipala alungise ugesi wawo ngemuva kokuthi baqashe usonkontileka.

“Umuzi ngamunye ukhokhele usonkontileka u-R20 000. Usonkontileka wenze umsebenzi omuhle kakhulu kwathi ngoZibandlela nyakenye saba noKhisimusi oqhakazile selokhu sathuthela kule ndawo,” kusho uThandazile. 

UMncube uthi bebewuthenga ugesi wekhadi ngaphandle kwezinkinga, kuze kube nguMbasa. 

“Sizibuyela emisebenzini yethu eyahlukene sifice amaphoyisa ehlome eyizingovolo ehamba nezikhulu zakwa-Eskom enqamula izintambo zikagesi ethatha nama-meter box,” kusho uMncube.

Kubuhlungu ngoba sibuyele esimeni sokuqala sokuhlala ebumnyameni kanye nesimo sezulu esibanda kakhulu sase-Newcastle.

Le ntukuthelo isiholele ekutheni amalungu omphakathi afike amashele endaweni yakwa-Eskom afune ugesi wawo aphinde asabise nokucekela phansi izimoto zawo uma inkampani ephehla ugesi ihluleka ukubabuyisela ugesi.

Umakhelwane kaMncube uRaphael Malevu uthe baqale ukufaka izicelo zikagesi kuMasipala wangakubo kusukela ngo-2019 ngesikhathi befika kule ndawo. 

Le ndawo yasungulwa ngo-2017 umphakathi wabasebenzi basemakhaya kanye nosomabhizinisi.

Usonkontileka uMnu Xolani Gumbi obeqashwe umphakathi waseMasondeza ukuthi afake ugesi uthe uyalwazi usizi amakhasimende akhe abhekana nalo. 

UGumbi unguchwepheshe kagesi onelayisensi osebenza endaweni yaseMajuba.

“Ngaqashwa umphakathi ukuthi ngifake ugesi ezindlini zawo ngebhadi ngoNdasa kwafika umfana othi uphuma kwa-Eskom namaphoyisa ezonqamula yonke into.

“Kodwa udaba lukwa-Eskom iwona ozokwazi ukulungisa umonakalo osudalekile,” kusho uGumbi.

Ukuphawula kuka-Eskom kuyalandela.

Izihloko zakamuva