Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Usabela impilo yakhe owesifazane waseMthunzini KwaZulu-Natal ngenxa yokusatshiswa ngemuva kokuba emangalele iMeya kamasipala waseJozini, abeyisola ngokuthi isimhlukumeze kwaze kwavalwa nomholo wakhe ngoba engazange ayijabulise ngesikhathi imcela imali.
UNksz Sne Mthembu oyisikhulu sezokuxhumana eJozini, udalule ukuthi uMnuz Fananaye Mathe uqale ukumhlukumeza emsebenzini kusuka esanda kungena esikhundleni ngo-2021.
“Kuthe ngisesibhedlela kwangena umyalezo lapho uMathe acela ukuba ngimjabulise maqede wathumela ikhadi lase-Capitec elibhalwe uNdwandwe. Ngebhadi ngawubona sekudlule isikhathi lowo myalezo ngoba ngangisegumbini labagula kakhulu, ngingakwazi ukusebenzisa umakhalekhukhwini wami. Kuthe uma sengizama ukubuyela kuye wathi angiphume kuye futhi angisuse nenombolo yakhe ngingaphinde ngimfonele,” kubalisa uNksz Mthembu.
Uthi ngemuva kwalokho kubenzima ukusebenza njengoba ebegula nokuphoqe ukuba abuye athathe amakhefu ukuze abhekane nokuhlukumezeka emoyeni.
UNksz Mthembu uqhube wathi ngemuva kwalokho ubone esesuswa esikhundleni sakhe wayofakwa komunye uMnyango engazelele.
“Ngatshelwa ukuthi uMeya ayingifuni ngakho ayizukwazi ukusebenza nami. Ngenxa yokubona isimo ngafaka isicelo komunye umasipala kodwa nakhona kuthe uma befonela uMathe bebuza ngami, wangikhuluma kabi . Kumanje angiholile bavale umholo wami nosekuphele izinyanga ezintathu ngixakekile ngihlukumezekile.Ngize ngabafaka enkantolo kumanje sibheke e-Arbitration ukuze kulungiswe udaba lwami ngoba lobu buhlungu engibuzwayo bungaphezulu kwamandla,” usho kanje.
Udalule nokuthi kumanje uphila ngokwethuka izanya.
Ethintwa uMathe ukhuze wababaza wathi yena edume kangaka uhlanganaphi nabasebenzi bakamasipala.
“Okokuqala nje ngihlanganaphi no-Capitec mina ngibe ngidume kanje. Uyazi indlela engidume ngayo is nami sengiyazesaba. Okokuqala nje lowo muntu akekho ngaphansi kwami kodwa ungaphansi kwemenenja kamasipala. Mina angihlangani nje naye . Okunye lowo muntu ubevele engasezi emsebenzini,” kusho uMathe.