Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
UPrince Buanda oduke kusukela ngomhlaka-12 kuNhlaba utholwe eseshonile.
Usizi luhlasele umphakathi wase-Lower Crossroads, eKapa ngesikhathi kutholwa isidumbu sowesilisa oneminyaka engu-21 ubudala emakhazeni, okubikwe ukuthi ulahlekile.
UPrince uhambe ekhaya ngehora lesishiyagalombili evakashele esitolo esiseduze nakubo, kodwa wangabe esabuya.
Umama ososizini, uDeolinda Buanda (46) wase-Lower Crossroads, eKapa usola ukuthi isiteshi samaphoyisa sase-Philippi East asizange siluthathele phezulu udaba lwengane yakhe ngesikhathi ecela usizo ngokuduka kwayo.
“Bengifuna bangisize ngokumbheka ngoba bengazi ukuthi kukhona okwenzeke kuye njengoba engabuyanga ekhaya. Akakaze alale ngaphandle,” kusho umama.
Iphoyisa ebelisebenza ngaleso sikhathi lizichithile izikhalazo lathi asikho isidingo sokwethuka futhi nendodana yakhe isikhule ngokwanele izogcina ibuyile ekhaya.
Imethusile lempendulo. Uze wasola ukuthi ubuzwe bakhe njengoba engowase-Mozambique kungenzeka ukuthi kunesandla ekusweleni usizo.
Njengoba ubengasazi ukuthi uzokwenzenjani ngemuva kokuthi amaphoyisa ahluleke ukumsiza, uye kwinhlangano ebizwa nge-Faith and Hope Missing Persons.
UBuanda uthe ubonga kakhulu ngosizo alunikezwe i-Faith and Hope Missing Persons.
“Ukube bekungebona, ngabe ngisathungatha indodana yami,” kusho unina wendodana.
“Ibuhlungu inhliziyo yami ukuthi wathathwa kumina, kodwa futhi ngiyajabula ukuthi sisitholile isidumbu sakhe futhi sesizokwazi ukumngcwaba akufani neminye imindeni esathungatha izihlobo zayo.”
Ukuvakashela emakhazeni ngoLwesihlanu ngesonto eledlule ukuyohlonza isidumbu sendodana yakhe kube yinto ebuhlungu kakhulu.
“Indodana yami ishaywe kanzima futhi ubuso bayo buvuvukele.”
“Ngithandazela ukuthi labo ababulala indodana yami bakukhokhele abakwenzile ngoba ubengumuntu othandekayo ongahlangene nezinto ezimbi.”
UVeronique Williams, umsunguli wenhlangano esize uBuanda ulandise ngokubandakanyeka kwabo.
“Usicelile ukuthi senze izingqwembe, sakwenza lokho. Saya kubangani siyoqoqa imininingwane yethu, ngazama izikhathi eziningi ukuthola umseshi kodwa akazange alubambe ucingo kanjalo nokaputeni wesiteshi.”
Ephendula ngalezi zinsolo okhulumela amaphoyisa e-SAPS e-Western Cape, uLieutenant Colonel Malcolm Pojie ugcizelele ukuthi amacala abantu abadukile asetshenzwa ngolwazi olukhona kanye nemikhondo ekhona.
Mayelana nezinsolo ezibhekiswe kumphenyi wecala uthe zidinga ukuqinisekiswa ngobufakazi ngakho ngeke bakwazi ukuziphendulela okwamanje.
Isithombe esingenhla: UPrince Buanda owesilisa oneminyaka engu-21 ubudala oduke ngomhlaka-12 kuNhlaba. Isidumbu sakhe sitholwe emakhazeni ubuso buvuvukele
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe