Celani Sikhakhane
Sitholwe sidindilize eceleni komgwaqo isidumbu sowesilisa obephazamisekile emqondweni, uMnu Bhekumndeni Star Mbhele okusolakala ukuthi ushaywe ngamalungu omphakathi ngoba emsola ngokudlwengula.
Isidumbu sikaStar sitholwe ngemuva kwezinsuku ezintathu kade enyamalele.
Umphakathi kuthiwa ubumsola ngokudlwengula kanti kubikwa ukuthi umshayile ukuze avume icala.
Kuthiwa washaywa waze waqhutshwa ngebhala ngendlela ayethintwe kabi ngayo.
Umndeni kamufi ufuna aboshwe amalungu omkhandlu olwa nobugebengu, uMzimkhulu Community Forum ngokubulala uStar.
“Wonke umuntu uyazi ukuthi uStar ubephazamisekile emqondweni,” udadewabo uNomcebo Mbhele etshela i-Scrolla.Africa.
“Ubengumuntu othulayo kanti namalungu e-Forumu abazi ukuthi akaphilile.”
Uthe elinye ilungu le-foramu livumile ukuthi ushayelwe ubala.
Uqhube wathi okubaphatha kabi ukuthi umsolwa wangempela akaboshiwe.
“Sizwe kuthiwa umuntu obeqhuba umfowethu ngebhala indodana yephoyisa lendawo. Sifuna ukwazi ukuthi icabanga ukuthi umfowethu nguyena yini umdlwenguli,” kusho uNomcebo.
Umndeni uthe ufuna icala lisuswe esiteshini saseMzimkhulu liyiswe kwenye indawo.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbele uthe likhona icala lokubulala eliphenywa amaphoyisa aseMzimkhulu.
“Kusolakala ukuthi umsolwa oneminyaka engu-26 ushaywe waze washona ngabasolwa abangaziwa e-New City. Lolu daba lusaphenywa ngamaphoyisa,” kusho uColonel uMbele.