Utholwe esadla anhlamvana usomabhizinisi obethunjiwe

Kamogelo Olaitan

Utholwe engenamyocu usomabhizinisi wase-Vereeniging othunjwe ngoLwesihlanu olwedlule endaweni yebhizinisi lakhe ngesikhathi etholwa amaphoyisa ngoMsombuluko ebusuku.

Kuboshwe abasolwa abathathu kanti babhekene namacala okuthumba nokugebenga besebenzisa isihluku.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Athlenda Mathe uthe usomabhizinisi utholwe  ngaphambi kwamabili yithimba lamaphoyisa elekhethekile kanye noMnyango wamaPhoyisa kaMasipala waseGoli ulekelelwa onogada abazimele.

UMathe uthe ithimba liphuthume emakhelini amathathu ahlonziwe, okubalwa nelilodwa elise-Lenasia South lapho isisulu sitholwe khona singenamyocu. Kule ndawo, amaphoyisa abophe umnikazi wendawo, oneminyaka engu-70 odabuka e-Mozambique.

Ekhelini lesibili e-Ennerdale amaphoyisa athole imoto yohlobo lwe-Toyota Hilux e-dark gray bathola nama-numberplates omgunyathi ayesetshenziswa ekwenzeni ubugebengu. Kuboshwe umsolwa oyedwa ongowase-Malawi.

“Ngesikhathi amaphoyisa efika ekhelini lesithathu e-Roodepoort ahlangabezene nezibhamu. ngenhlanhla, alikho ilungu lethimba  elithole ukulimala. Kuboshwe umsolwa oyedwa ongowaseNingizimu Afrika.

Kushaqwe isibhamu esisodwa esingekho emthethweni,” kusho uMathe.

Umsolwa ubhekene namanye amacala okutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nelokuzama ukubulala.

Izihloko zakamuva