Utholwe enecala owabulala intombi yakhe 

UFlavio Hlabangwane utholwe enecala lokubulala intombi yakhe ebingumzala wakhe nokuthi wagcina izitho zakhe zomzimba esiqandisini sakhe.

NgoLwesibili, iNkantolo eNkulu yaseGoli ithole uHlabangwane enecala lokubulala, elokuhlukumeza isidumbu kanye nelokuphula umthetho ngemuva kokuvuma kwakhe ukuthi wabulala uTshepang Pitse ngoLwezi nyakenye.

Ngeledlule umsolwa (28) utshele inkantolo ukuthi walutha kanjani uPitse ukuze ambulale ngoba esola ukuthi uyamkhohlisa.

“Ngaqala ukucinga kwi-inthanethi ngezindlela zokubulala umuntu nokulahla isidumbu,” etshela inkantolo ngoLwesine olwedlule.

Phakathi komhla zizinye kuya kumhlaka-13 kuLwezi wabulala isihlobo sakhe ebesiyisithandwa sakhe wase eqala uhlelo lokuqoba isidumbu sakhe wasigcina esiqandisini emzini wakhe ose-Soweto.

Esitatimendeni esifundwe iJaji uMoosa Cassim Ismail ngoLwesibili, umbulali uvumile ukuthi wangcwaba ezinye zezitho zomzimba kamufi ethuneni elingashoni.

“Ngahamba ngemoto ngaya endaweni evulekile ngangcwaba izitho zomzimba wakhe ethuneni elivulekile kodwa ngaphambi kokuthi ngihambe ngabona ukuthi akangcwabekanga kahle futhi ubonakala kalula. Ngaqala ukumba umgodi ojulile ngesikhathi ngisenzanjalo, ngashaya ikhanda likamufi.”

UHlabangwane waboshwa ngoLwezi ngemuva kokuthi enye intombi yakhe ithole ezinye izitho zomzimba zikamufi esiqandisini sakhe.

Wangeniswa esibhedlela ukuze ahlolwe ingqondo kanti ngemuva nje kwalokho wazama ukuzibulala amahlandla amabili ngesikhathi eboshiwe.

Uzophinde avele enkantolo mhla ziyishumi kuNhlolanja ukuze azothola imibiko yokuqulwa kwecala kanye nesigwebo.

Luhlanganiswe ngu-Arthur Greene

Esithombeni esingenhla: UFlavio Hlabangwane

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva