Utholwe enecala lokunukubeza uTrump

Lubhalwe intatheli ye-Stuff

UDonald Trump owake wazishaya isifuba ngokubamba owesifazane izinqa utholwe enecala lokunukubeza ngokocansi yiNkantolo yaseMelika.

IJaji lase-New York ngoLwesibili lithole ukuthi lowo owayenguMengameli waseMelika wahlukumeza ngokocansi intatheli u-E Jean Carroll egumbini lokushintshela esitolo sezingubo eminyakeni engu-27 edlule.

Lokhu kungokokuqala emlandweni ukuthi umengameli waseMelika abizwe ngokusemthethweni njengo mnukubezi.

Okubi kakhulu, iJaji alizange lithole uTrump enecala lokudlwengula uCarroll, kodwa limthole enecala lokumnukubeza.

UTrump, ophinde wangenela ukhetho lukaMengameli ngonyaka ozayo ngeke abhekane nokuboshwa ngalesi sinqumo esiyingqophamlando. Leli bekungelona icala lobugebengu ngakho-ke esikhundleni salokho kuzodingeka akhokhele uCarroll u-$5 million (93 million) ngesenzo sakhe.

UTrump (76) uphendulile enkundleni yezokuxhumana ekhasini lakhe wathi: “Angazi nhlobo ukuthi ungubani lo wesifazane lesi sinqumo siyihlazo futhi lokhu ukuqhubeka nokuzingelwa ngabathakathi okukhulu kakhulu.”

Yize kungokokuqala uTrump etholakala enecala lokungaziphathi kahle ngokocansi, usechithe umsebenzi wakhe wezepolitiki ecwile emahlazweni futhi ubhekene nezinsolo zokuhlukunyezwa ngokocansi kwabesifazane abangu-26 sebebonke.

Waqoshwa kwividiyo eputshuziwe ohlelweni lukamabonakude i-Access Hollywood mayelana nokukwazi ukwenza noma yini kwabesifazane ikakhulukazi uma uyisihlabani njengokubamba izinqa zabo. 

Waqhubeka nokuphawula kwakhe njengokuthi “inkulumo yegumbi lokushintshela.”

Ngenyanga edlule, waliphika icala lokukhwabanisa amarekhodi ebhizinisi mayelana nokukhokhela isihlabani se-porn uStormy Daniels. UDaniels wabhala encwadini yakhe ka-2018 etshela bonke abantu ukuthi uTrump uyazi unenduku engajwayelekile.”

“Inekhanda elikhulu njengamakhowe noma i-toadstool,” kubhala lo wesifazane.

Isithombe esingenhla: UDonald Trump utholwe enecala lokuhlukumeza ngokocansi ngoLwesibili

Umthombo wesithombe: I-Twitter

Izihloko zakamuva