Uthole ulabhabha wempama usomahlaya

Dylan Bettencourt

Usomahlaya uChris Rock wenze ihlaya ngesimo sikaJada Pinkett Smith sokuqothuka kwezinwele.

Umyeni kaJada, uWill Smith akazange akubone kuyinto ehlekisayo leyo.

“UJada, akakwazi ukulinda i-GI Jane 2,” kuhleka usomahlaya, lokhu ukusho ekubhekise ekugundeni kwisimo sikaJada sokuqothuka kwezinwele esibizwa nge-alopecia.

Kodwa, ngobusuku bama-Oscar, uWill Smith ukwenze kwacaca ngendlela ebonakala kakhulu ukuthi akalijabuleli ngaleli hlaya.

Ngemuva kokuzwa leli hlaya elihlekise abantu abaningi, uWill Smith usondele kuRock wamshaya ngolabhabha wempama, waqede wabuyela esihlalweni sakhe.

“Khipha igama lomkami emlonyeni wakho,” kusho uSmith ngesikhathi ebuyela esihlalweni sakhe.

URock uphendule wathi “Ngizokwenza njalo. Lobo ubusuku obukhulu kunabo bonke emlandweni wakumabonakude.”

Le filimu, i-GI Jane, eyakhishwa ngo-1997 yayilingiswa nguDemi Moore, owayegunde impandla kule filimu.

Kamuva phakathi nomcimbi, uSmith uklonyeliswe ngendondo yongomlingisi ovelele kuma-Oscar ngeqhaza lakhe lokuba ngubaba wezelamani zethenisi uSerena noVenus Williams kwifilimu ethi-King Richard.

Ngesikhathi ethola  i-Oscar, uSmith obephatheke kabi uye waxolisa.

“Ngifuna ukuxolisa kwi-Academy. Ngifuna ukuxolisa kubo bonke ozakwethu engiqokwe kanye nabo. Ubuciko bulingisa impilo. Ngifana nobaba owuhlanya, njengoba besho ngoRichard Williams. Uthando luzokwenza wenze izinto ezingasile,” esho enkulumweni yakhe ngesikhathi amukela indondo.

USmith wengeze ngokuthi abantu kumele benze sengathi izimo zabo zilungile emehlweni abantu uma osomahlaya besizakala ngosizi lwabo.

“Ngiyazi ukwenza esikwenzayo, kufanele umelane nokuhlukumezeka futhi wenze abantu bakhulume nabanye abantu ngawe. Kuleli bhizinisi, kufanele ube nabantu abangakuhloniphi. Futhi kufanele umamatheke wenze sengathi kulungile,” engeza.

I-Academy, engabahleli bomcimbi wama-Oscar, ikhiphe isitatimende ngemuva komcimbi, yathi ayihambisani nodlame olubonakale esiteji.

“I-Academy ayihambisani nodlame lwanoma yiluphi uhlobo. Namuhla ebusuku, sijabule ukugubha abawine imiklomelo ye-94th Academy, abafanelwe yilesi sikhathi sokuhlonishwa ontanga babo nabathandi bamafilimu emhlabeni jikelele,” kusho isitatimende.

Umthombo wesithombe: @NBCNews

Scrolla World Cup Quiz