Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Unikezwe ibheyili ka-R800 umama wase-Khayelitsha oshonelwe izingane ngomhlaka-13 kuMbasa ngesikhathi kusha umjondolo wakhe yena eyophuza nabangani bakhe.
U-Athanandi Mntwini (10) nomfowabo u-Ingakuthi (5) basemijondolo yaseMsindweni bakhalile becela usizo ngesikhathi kusha umjondolo kodwa izakhamizi azikwazanga ukubasindisa.
Umama wabo, uMelezwa Mntwini (31) uthe bekungaqali ukuthi ashiye izingane zakhe zodwa uma ehamba nabangani bakhe.
Ukholelwa ekutheni izingane zakhe zibulawe umuntu thizeni oqale umlilo njengoba kucekeleke phansi umjondolo wakhe kuphela.
UMelezwa uboshwe ngomhlaka-15 kuMbasa wathweswa amacala amabili okunganakekeli izingane.
Unqatshelwe ibheyili ngesikhathi evele okokuqala eNkantolo yeMantshi yase-Khayelitsha ngomhlaka-16 kuMbasa kodwa waphinde wavela ngoLwesibili ngomhlaka-23 kuMbasa wathola ibheyili ka-R800.
UNksz Nobuzwe Thimba oyilungu lomndeni uthe abazi ukuthi bazozingcwaba nini izingane.
“UMelezwa uyazisola ngokwenzekile, uhlezi ecabanga izingane zakhe,” kusho uThimba.
Umndeni usebenzise imali obuyiqoqile ukuze kwenziwe ulibofuzo nokukhokhela ibheyili yakhe uMelezwa.
“Sesibuyele esimweni ebesikuso,” kusho uNobuzwe.
“Imali yolibofuzo bekungu-R1,700 kuzo zombili izingane. Kodwa manje asisenayo leyo mali ngoba sekumele sikhokhe u-R800 webheyili yakhe. Asazi ukuthi sizoyithola kanjani futhi nini imali yolibofuzo.”
Isifiso somndeni ukungcwaba izingane eCentane, e-Eastern Cape.
“Bahlukumezeke kwanele. Bashone kabuhlungu bekhala becela ukusindiswa manje bachitha isikhathi emakhazeni. Siyaludinga usizo. Siyafisa ukubangcwaba ngesizotha kodwa asinamali. Siyamdinga umuntu ongaba nendlela yokusisiza,” kusho uNobuzwe.
Okhulumela i-National Prosecuting Authority u-Eric Ntabazalila uthe icala likaMelezwa lihlehliselwe kumhlaka-19 kuNhlangulana ukuze kuqhutshekwe nophenyo.
Esithombeni esingenhla: Kushone u-Athanandi Mntwini nomfowabo u-Ingakuthi ngesikhathi kusha imijondolo.
Umthombo wesithombe: File