Lubhalwe i-Ground Up
INkantolo yeMantshi yase-Bloemfontein isinikeze ibheyili ka-R10 000 komunye wabasolwa ecaleni likaBester obesebenzela i-G4S oboshwe ngeledlule.
Abanye ababili bazobuyela enkantolo mhlaka-11 kuNtulikazi ukuze bezofaka isicelo sebheyili.
Laba bobathathu babhekene namacala ahlobene nokusiza uBester ukuba eqe ejele ngoNhlaba, inkohlakalo kanye nokuhlukumeza isidumbu.
Bonke abasolwa abangu-12 kuleli cala kulindeleke ukuba bavele ndawonye enkantolo ngomhlaka-8 kuNcwaba.
Ngesikhathi izikhulu ezintathu zasejele eziboshwe ngesonto eledlule zivela okokuqala enkantolo ngeledlule, uThabang Mier unikezwe ibheyili ka-R10 000 iNkantolo yeMantshi yase-Bloemfontein. UJoel Makheta noMoeketsie Ramolula bazobuyela enkantolo ngomhlaka 11 kuNhlangulana ukuze bathole ibheyili esemthethweni.
Ukuboshwa kwalaba abathathu ngesonto eledlule kwenza isibalo sabantu abaqulwa icala lokweqa kukaThabo Bester sifinyelele ku-12.
UMier, uMakheta kanye noRamolula babhekene namacala ahlobene nokusiza uBester ukuba eqe ejele ngoNhlaba. UMakheta noRamolula baphinde babhekane namacala enkohlakalo kanye nokuhlukumeza isdumbu.
Bobathathu bamiswe yi-G4S ngasekuqaleni kwalo nyaka. UMier noRamolula babeqaphile ejele.
Njengengxenye yemibandela yakhe yebheyili, uMier unikeze inkantolo iphasiphothi yakhe futhi kuzodingeka ayobika esiteshini samaphoyisa sendawo kanye ngesonto.
Ngokwephepha lamacala ombuso elibonwe ngabe-GroundUp, abasolwa abangu-12 babhekene namacala angu-16 esewonke.
Esithombeni esingenhla: UThabang Mier nommeli wakhe u-Advocate Themba Diba (kwesokunxele), eNkantolo yeMantshi yase-Bloemfontein lapho ethole khona ibheyili ka-R10 000 ngoMsombuluko.
Umthombo wesithombe: GroundUp