Lubhalwe nguPalesa Matlala
Lo mfana oneminyaka engu-11 ubudala ushiwe imoto efulethini kodwa akazange afike endlini kubo.
Amaphoyisa aphume umkhankaso wokuthungatha avula nedokodo lophenyo ngesikhathi esalinde imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu.
Amaphoyisa ase-Gauteng ayaphenya ngemuva kokuthi uJayden Lee Meek (11),etholwe eshonile ezitebhisini eSwazi Complex e-Fleurhof, e-Roodepoort, ngoLwesithathu ekuseni.
Umama kaJayden ubike ukuthi ulahlekile ngoLwesibili ntambama ngemuva kokungabuyi ekhaya evela esikoleni. Nakuba imoto emyisa esikoleni ithe imehlisile efulethini, kodwa akazange afike endlini. Umama wakhe, osebenza ekhaya ubekhathazekile ngesikhathi ebona ukuthi akakafiki.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uLieutenant Colonel Mavela Masondo uthe umndeni uqale ukuthungatha uJayden ngosizo lomakhelwane. Baye esiteshini samaphoyisa ngezithuba zabo-6:40 ntambama beyobika ukuthi ulahlekile.
“Amalungu ethu aphendule aqala ukusesha kanye namalungu omphakathi,” kusho uMasondo.
Isidumbu somfana sitholwe ngakusasa ekuseni ngabo-6:25 yisakhamuzi ebesiphuma efulethini laso. Ubebekwe ezitebhisini zesitezi sesibili, bekungekho kude nefulethi abehlala kulo.
UStephany Martins, oyilungu lomphakathi, utshele iScroll.Africa: “Iningi lethu liphuthume esitezi sesibili ngokushesha, sabona uJayden elele khona. Samthinta, ngethemba lokuthola ukushaya kwenhliziyo, kodwa ubethuli. Sahlola isidumbu sakhe ukuthi akanakho yini ukulimala, kodwa belingekho igazi.”
UJayden uphuthunyiswe esibhedlela kodwa kwatholakala ukuthi useshonile ngesikhathi efika.
UMasondo uthe abaseshi basemaphoyiseni esifundazweni bajutshwe ukuthi baphathe leli cala. “Sesiqalile ngophenyo lwethu futhi sesihlanganise ithimba labaseshi asebemnkantshubomvu,” usho kanje.
Amaphoyisa avule idokodo lophenyo kodwa athi icala lingashintsha libe elokubulala kodwa kuzoya ngemiphumela yokuhlolwa kwesidumbu.
Kuze kube manje, akekho osaboshiwe.
Esithombeni esingenhla: UJayden Lee Meek utholwe eshonile ezitebhisini zendlu yakhe.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe