Dalphine Tagwireyi
Umfundi obenza izifundo zobudokotela uMthunzi Wiseman Zwane kanye nomngani wakhe bebesendleleni egodukayo ngesikhathi bebandakanyeka engozini ngase-Breyten e-Mpumalanga.
Ngesikhathi engabuyi ekhaya ngalobo busuku ngeSonto mhla zintathu kuNtulikazi umndeni wakhe ubike ukuthi ulahlekile.
Umngani wakhe nabanye ababili abebekwenye imoto baphuthunyiswe esibhedlela, kodwa uMthunzi obeneminyaka engu-26 ubengekho endaweni yesigameko.
Isidumbu sakhe sitholwe ngemuva kwezinsuku ezintathu endaweni engu-100 km emfuleni e-Nhlazatshe. Isidumbu sakhe besigcwele amanxeba okugwazwa.
Okhulumela umndeni u-Ernest Zwane utshele i-Scrolla.Africa ukuthi kumele bazi ukuthi indodana yabo ihambe kanjani isuka endaweni yengozi iya emfuleni.
“Sisezinhlungwini ubengumuntu wabantu futhi enikela impilo yakhe ekusindiseni abanye,” kusho uZwane.
“Ubezophothula izifundo zakhe futhi asebenzele umphakathi wangakubo ukuze asize njengoba kushoda abasebenzi bezokwelapha kodwa wabulawa ngabantu abangenanhliziyo.”
Ngo-2015 uMthunzi wathola umfundaze wokuyofundela ubudokotela e-Cuba. Ufike ekhaya ngoNtulikazi nyakenye wenza izifundo zakhe zomtholampilo eNyuvesi yase-Free State.
“Bekumele aqede izifundo zakhe ezinyangeni ezintathu, kodwa izigebengu zambulala,” kusho uZwane.
Isakhamuzi sase-Elukwatini sithe abantu abasha abaphumelelayo endaweni yangakubo babhekiwe. NgoNhlaba umdwebi wezithombe osemusha naye watholakala ebulewe ngesihluku.
“Izingane eziphumelele aziphephile endaweni yangakithi njengoba ezinye izinto ziqhutshwa umona. Le nto eyenzeke kuMthunzi ibuhlungu. Ubehlale ekhona ukuze asize umphakathi,” kusho isakhamuzi.
Okhulumela amaphoyisa ase-Mpumalanga uBrigadier Selvy Mohlala uthe bathole umbiko womuntu olahlekile mhla zintathu kuNtulikazi. Balandele umkhondo obaholele e-Nhlazatshe abafice khona isidumbu sikaMthunzi.
“Umsolwa oyedwa uboshiwe kanti uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Eerstehoek ngomhlaka-11 kuNtulikazi. Sisaqhubeka nophenyo njengoba kusazoboshwa abanye abasolwa,” kusho uMohlala.