Dylan Bettencourt
Owesilisa wase-China utholwe ephephile ngemuva kokuchitha izinsuku ezimbili esibhakabhakeni ngenxa yokuthi ibhaluni le-hydrogen abehamba ngalo belingaboshiwe ngesikhathi evuna amantongomane esihlahleni.
Lo wesilisa nomlingani wakhe bebeqoqa amantongomane ngeSonto ezindaweni ezisenyakatho nempumalanga ye-China ngesikhathi kwenzeka inhlekelele kubika i-The Guardian.
Amantongomane atholakala ngaphakathi kwezigaxa zika-pine corns futhi ayisithako esivamile enyakatho nasempumalanga ye-China.
Ngesikhathi befuna isithako esivamile laba ababili bahluleka ukulawula ibhaluni lase lihamba nabo ohambweni olungu-300km.
Uzakwabo ukwazile ukugxuma ephuma kubhasikidi webhaluni, kodwa okunguyena obekha amantongomane usale phakathi entanta nalo ibhaluni.
Kuqalwe umkhankaso wokuthungatha nokuhlenga ngesikhathi abatakuli bethintana nomlisa ngocingo ngaphambi kokumtshela ukuthi ehlise ijubane le bhaluni kancane kubika umsakazi wombuso i-CCTV.
Kuthathe usuku lonke ngaphambi kokuthi ibhaluni lifike esifundeni sase-Fangzheng eduze nomngcele wase-Russia.
Utholakale ephephile.
Isikhulu sikahulumeni somnyango we-Hailin Forestry Administration sichaze lo wesilisa njengomuntu oneminyaka engu-40.
Lesi sikhulu siphinde sasho ukuthi uyelulama esibhedlela, kodwa wenqaba ukunikeza eminye imininingwane.
Umthombo wesithombe: @TheGuardian