Everson Luhanga
UGift Mkhwanazi obizwa ngesilwane esinonya sase-Tembisa utholakale enamacala ayi-104 abandakanya ukudlwengula ngokuphindelela abantu besifazane abangama-33.
Isinqumo secala esiphume enkantolo ephakeme yase-Egoli sisho ukuthi uMkhwanazi ungena kumlando waseNingizimu Afrika njengomdlwenguli wesibili onesihluku nonya. Owayenonya kakhulu uMoses Sithole owadlwengula abantu besifazane abangama-40 ababulale ngowezi-1994-1995.
Ngesikhathi kuqulwa icala likaMkhwanazi abesifazane abayi-19 bathule ubufakazi kwabangama-33 abadlwengulwa.
Bonke ofakazi abasukumele icala likaMkhwanazi bathe ubebasabisa ngommese noma aphathe isibhamu ngenkathi ebadlwengula. Bonke ubebadlwengula ebusuku.
Ijaji lithe bonke ofakazi bebehlukumezekile ngenkathi bethula ubufakazi.
UMkhwanazi ubengakhombisi ukuzisola ngenkathi kuqulwa icala uwaphike wonke amacala abekwa wona wancenga inkantolo ukuthi imunike isigwebo esincane. Uthe uyena owondla izingane zakubo nabazali bakhe KwaZulu-Natali.
Abahlukunyezwa uMkhwanazi batshele i-Scrolla.Africa ukuthi balindele inkantolo ukuthi imunike isigwebo esiqinile.
Oyedwa uthe uMkhwanazi wamudlwengula izikhathi ezine ngobusuku mhla ziyi-13 ngoMasingana ngowezi-2018. Uthe ufisa ukuthi uMkhwanazi bamunike isigwebo seminyaka engama-300. “Ngiphoxekile ukuthi akazange akhombise ukuzisola okuncane axolise kuthina”.
Omunye uthe ubeneminyaka eyi-19 ngenkathi uMkhwanazi emuhlasela yena nabangani bakhe ababili.
Wasidlwengula amahora ayisikhombisa kusukela ngo-21:00 kuyela ku-03:00 ezintatha ebadlwengula aphinde abashaye.