Utholakale enecala osolwa ngokubulala unkosikazi

Arthur Greene

Udokotela wamazinyo waseMelika utholwe enecala lokubulala unkosikazi wakhe ngesikhathi izithandani zisohambweni olukhulu lokuyozingela e-Zambia.

NgoMsombuluko iJaji laseMelika lithole ukuthi uLawrence Rudolph oneminyaka engu-67 wabulala unkosikazi wakhe uBianca ngesibhamu wabe esethola imali elinganiselwa ku-R80 million yomshwalensi ngokusho kwe-CNN.

Zombii izithandani bezithanda ukuzingela izilwane ezinkulu kanti bahamba bobabili ngoMandulo ngonyaka ka-2016 baya e-Kafue National Park okuyikhaya lezimvubu, izingulule namabhubesi, phakathi kwezinye izilwane. Kodwa uBianca wayenethemba lokubona ingwe ayizingele ayibulale.

Kodwa-ke ngomhlaka-11 kuMfumfu wazithola esohlangothini olungafanele lwesibhamu futhi wabulawa ngesikhathi isibhamu sabo i-Browning 12-gauge siqhuma endlini yabo.

ULawrence umile kwelokuthi wayesendlini yokugezela ngesikhathi ezwa isibhamu siqhuma futhi ukholelwa ukuthi kwakuyiphutha mhlawumbe ngesikhathi uBianca epakisha. Uphinde waphakamisa nabaseshi ukuthi kungenzeka ukuthi uzibulele.

Kodwa-ke ubufakazi bezobunhloli obaboniswa ngesikhathi sokuqulwa kwecala likaLawrence bufakazele ukuthi uBianca wayeqhele ngamamitha angu-0.6 ukusuka kwisibhamu ngesikhathi siqhuma.

Ukuziphatha kukaLawrence ezinyangeni ezilandela ukushona komkakhe nakho kwavusa izinsolo. Wahlela ukushiswa kwesidumbu ezinsukwini ezintathu nje ngemuva kokushona kwakhe. Isikhulu senxusa laseMelika enkabeni yedolobha e-Zambia e-Lusaka lathola lokhu kuxakile futhi watshela abaphenyi be-FBI ukuthi unomuzwa omubi ngalesi simo.

Nokho abaphenyi bazo zombili iziphathimandla zase-Zambia nezinkampani zomshwalense kaLawrence banquma ukuthi ukushona kube ingozi futhi wathola imali engaphezu kuka-R80 million.

Abaphenyi baseMelika baqala ukubheka leli cala ngesikhathi umngani kaBianca ebatshela ukuthi ucabanga ukuthi uLawrence umbulele ukuze aqale impilo entsha nentombi yakhe.

Kuvele ukuthi ubethandana noLori Milliron ongumphathi emsebenzini wakhe. Lokhu kwakungeyona nje inkathi yasehlobo futhi. 

Utshele owayeyisisebenzi sakhe ukuthi ubesebenzisana noLawrence iminyaka ephakathi kwengu-15 kuya ku-20.

Futhi akuzange kuthathe isikhathi eside ukuthi uLori noLawrence bahlangane ndawonye ngemuva kokushona kukaBianca, bahlala ndawonye ngemuva nje kwezinyanga ezintathu eshonile.

Ngesikhathi uLawrence equliswa icala uLori naye waquliswa icala futhi watholakala enecala lokusebenzisana noLawrence ngokufihla iqiniso lokubulala, ukuvimbela ubulungisa kanye nokufakaza amanga ngokusekelwe ebufakazini bakhe phambi kweJaji elikhulu.

Ngaso sonke isikhathi sokuqulwa kwecala uLawrence wayeveza ubumsulwa bakhe ethi “angizange ngimbulale umkami bengingeke ngimbulale ngimthanda.”

Ngemuva kokutholwa enecala lokubulala ummeli waseMelika uCole Finegan uthe, “uBianca Rudolph ubufanele ubulungiswa.”