Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Buqale ngenjabulo ubusuku bowesilisa wase-Malawi, kodwa kwaphela ngobuhlungu ngemuva kokuba owesifazane odayisa ngomzimba esifundeni sase-Southern Mangochi emsike induku yakhe ngommese.
Amaphoyisa ase-Monkey Bay, esifundeni sase-Mangochi ahlonze lo wesifazane odayisa umzimba ngoPatricia Wyson.
Okhulumela isiteshi samaphoyisa e-Monkey Bay, uSayitsheni Alice Sichali uthe ngesikhathi umsolwa oneminyaka engu-29 ehlangana nesisulu baye emzini waso nokuyilapho bevumelane khona ukuthi baye ocansini.
Imali obekuvunyelwane ngayo ngu-K1,000 (R17.91).
“Ngesikhathi besendlini yowesifazane kusuke umsindo ngemuva kokuthi balale, umsolwa uthathe ummese obukhali walimaza kanzima induku yekhasimende lakhe,” kusho uSichali.
Amaphoyisa athe awanaso isiqiniseko sokuthi yini ebibangwa ilaba ababili.
Amaphoyisa nokho athi induku yalo wesilisa isikwe kabi kangangokuthi kungaba isimangaliso uma engase akwazi ukuphinda ayisebenzise.
Ukuya ocansini kanye nesigameko kwenzeke e-Chembe Village e-Cape Maclear ngoLwesihlanu ebusuku.
Isisulu siphuthunyiswe e-Cape Maclear Health Centre saphinde sadluliselwa esibhedlela somphakathi e-Monkey Bay ukuze athole ukwelashwa.
Lo wesifazane odayisa ngomzimba uboshiwe kanti kulindeleke ukuthi aphendule ngecala lesenzo sakhe.