Uthish’omkhulu uxoshelwe ukuphoqa ingane yesikole ukuba iyongena ethoyilethi lomgodi – kanti manje ubhekene necala lobugebengu

Zukile Majova

Uthish’omkhulu wesikole sase-Eastern Cape owaphoqa umfana omncane ukuthi angene ethoyilethi lomgodi ukuze athole umakhalekhukhwini wakhe usexoshiwe kanti manje ubhekene necala lobugebengu.

NgoNtulikazi uzophendula amacala ahlukahlukene okuhlukumeza izingane enkantolo yamacala obugebengu.

Ngesikhathi okwenzeka ngaso isigameko ngomhla ziyi-14 kuNdasa i-Scrolla.Africa sabika ukuthi lo mfana, ongenabazali futhi owayehlala nogogo wakhe, kubukeka sengathi waqokwa nguthish’omkhulu ngoba wayengenamuntu ozomkhulumela.

Isikole samabanga aphansi i-Luthuthu esigodini sase-Ncembu e-Ugie singesinye sezinkulungwane zezikole eNingizimu Afrika lapho othisha abasebenzisa khona izindlu zangasese zemigodi ukuzikhulula ngoba awekho amanzi ahambayo futhi awekho namathoyilethi ashaywayo.

Ngosuku uthish’omkhulu, uMnu uLubeko Mandela, wayeye endlini yangasese kodwa  umakhalekhukhwini wakhe wawela echibini lendle elingezansi.

Uthish’omkhulu waphoqa inqwaba yabafundi ukuthi basebenzise amabhakede anezintambo ukunciphisa indle ngaphambi kokuphoqa umfana ukuthi akhumule abe nqunu bese ehliselwa emgodini ngentambo eboshwe ngaphansi kwezingalo zakhe.

UPetros Majola, umholi we-Khula Community Development Project, uthathe udaba lomfana walusa kuziphathimandla okwaholela ekutheni uthish’omkhulu abe ngaphansi kophenyo oluthathu.

“Uphenyo lokuqala lwenziwe ngumqashi kanti seluphele lapho uMnyango umxosha khona,” kusho uMajola.

“Uphenyo lwesibili lwenziwa nguMkhandlu Wothisha waseNingizimu Afrika manje sesilinde umphumela wawo.”

Uthish’omkhulu kulindeleke ukuthi avele enkantolo ngoNtulikazi ngamacala ahlobene nokuhlukumeza izingane.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Eastern Cape, uMalibongwe Mtima, uthe uthish’omkhulu ulivumile leli cala ngesikhathi kuqhubeka nokuqondiswa kwezigwegwe.

“Ngenxa yalokho waxoshwa futhi uMnyango wenza isiqiniseko sokuthi kuqokwa uthish’omkhulu omusha. Okwamanje i-HoD yesikole iyibamba likathish’omkhulu,” kusho uMtima.

Izihloko zakamuva