
Buziwe Nocuze
Sekuphele izinyanga ezinhlanu uthishomkhulu ebizela umfundi kamatikuletsheni ehhovisi lakhe wafike wamdlwengula.
Kwesinye isigameko kuthiwa uthishomkhulu (59) ubethatha le ntombazane aye nayo edolobheni enze sengathi uyoyikhombisa intokazi ethunga imifaniswano yabo.
Ngesikhathi besendleleni uqale wathinta lo mfundi embuza ukuthi uzizwa kanjani. Ngesikhathi umfundi ethi akakhululekile kuthiwa uthishomkhulu umshiye edolobheni engenayo imali yokugibela ukubuyela ekhaya.
Konke lokhu kuvele ngesikhathi umfundi (21), etshela indodana yelungu lesigungu esilawula isikole (SGB) elibike lolu daba.
U-Athandile Lugongolo, oyilungu lesigungu esilawulayo esikoleni samabanga aphezulu i-Bonxa, eNtabankulu, e-Eastern Cape, uthe isisulu sibatshele ukuthi ukudlwengula kuqale ngesikhathi abafundi bebanga le-12 befunda amakilasi antambana.
“Esikhundleni sokufundisa izingane zethu uthishomkhulu ubevele abize isisulu ehhovisi lakhe asidlwengule. Lezi zindaba zishiye wonke umuntu ebambe ongezansi ngoba bebazi umsolwa njengomuntu onomusa kodwa onomthetho oqinile,” kusho uLugongolo.
“Sishaqekile ngokwenzekile futhi sinethemba lokuthi kuzophenywa ngoba angeke sibe nothisha abasebenzisa kabi ukuthi bangothisha ukuze banukubeze abafundi.
Uthishomkhulu uboshiwe wavela enkantolo ngoLwesibili ngomhlaka-14 kuNhlangulana.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni, uMnu Malibongwe Mtima, ukuqinisekisile ukuthi bayazi ngalesi sigameko.
UMtima uthe isigameko sokugcina sokudlwengula senzeke mhla ziyisikhombisa kuNhlangulana kanti wengeze ngokuthi uthishomkhulu ubesabisa umfundi ngesikhathi emhlukumeza ngokocansi ehhovisi lakhe.
“Sesithumele usizo lokwelulekwa ngokwengqondo kubafundi nothisha esikoleni,” kusho uMtima.
Abophiko lwezokuShushisa esifundeni bathe umsolwa uzophinde avele eNkantolo yeMantshi yaseNtabankulu namhlanje, lapho ezofaka khona isicelo sebheyili.