Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
● Intombazanyana eneminyaka eyisikhombisa ubudala kusolwa ukuthi idlwengulwe uthisha wase-Bergview College e-Matatiele.
● Uthishanhloko utshele unina wengane ukuthi angayithi vu eyokudlwengulwa ukuze kuvikelwe isithunzi sesikole.
UMnyango wezeMfundo e-Eastern Cape uphenya uthishanhloko wase-Matatiele ofihle izinsolo zokudlwengulwa kwengane eneminyaka eyisikhombisa nguthisha wakulesi sikole.
Into abeyisaba kakhulu umama wengane yenzekile ngesikhathi indodakazi yakhe eneminyaka eyisikhombisa idlwengulwa wuthisha esikoleni – uthishanhloko wamtshela ukuthi akathule.
Ukudlwengulwa kwenzeka e-Bergview College e-Matatiele ngomhlaka-14 kuMfumfu. Lo mfundi osemncane wayesalinde imoto ngesikhathi uthisha ecela ukumthumela ndawana thize, wabe esemdlwengula.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo, uMnuz Malibongwe Mtima, uthe bayasigxeka isenzo sikathishanhloko.
“Sesiqale uphenyo ngalolu daba ukuze sihlole izinsolo. Imiphumela yophenyo izoncoma ukuthi kuthathwe izinyathelo zomthetho uma kuvela ubufakazi obunqala ngalezi zinsolo,” kusho uMtima.
Unina wengane, elingeke lidalulwe igama lakhe ukuvikela indodakazi yakhe, uthe intombazanyana yafika ekhaya sekusebusuku ngalolo suku ithi ibanjezelwe imoto.
Ngakusasa ekuseni, umama waqaphela ukuthi kukhona okungahambi kahle. “Ngabona ukuthi ubukeka edangele, ngambuza ukuthi kwenzenjani wathi akanalutho ukahle.”
Ngaleyontambama umama washeshe wabuya ngoba indodana yakhe ibigula. “Intombazanyana ibigqoka ibhulukwe lesikole elimpunga, kuthe uma ingena ngabona ukuthi uziphu webhulukwe uvuliwe. Ngambuza wangaphendula kunalokho waqonda ekamelweni lakhe eyoshintsha.”
Ngemva kwesidlo sakusihlwa, ngezithuba zabo-18:00, ingane yakhala ngesisu esibuhlungu yase ingena endlini yangasese.
“Wabuya emva kwemizuzu eyishumi ethi ingemuva lakhe libuhlungu. Njengomzali ngangicabanga ukuthi mhlawumbe akathandwanga inyama ebesiyidla, ngase ngimnika umuthi wokunqanda isifo sohudo. Ngibe sengiyomlalisa ngathi angivuse uma kuqhubeka kuba kubi kakhulu.”
Ngakusasa ekuseni kwabe sekuvela iqiniso elibi. “Wathi uphaphame ephethwe izinhlungu kwaze kwaba kathathu. Ngamyisa ekamelweni lami, ukuze ngiyobheka ukuthi yini ebuhlungu kangaka. Ngethuswa ukubona ingemuva lakhe llivuleke kakhulu, ngabiza ubaba wakhe ukuba eze azozibonela,” kusho umama ethukile.
Udokotela ukuqinisekisile ukudlwengulwa. Laba bazali babe sebeya emaphoyiseni nasesikhungweni sokunakekela abagilwa bokudlwengulwa iThuthuzela Care Centre.
Kodwa ngesikhathi umama ebikela isikole, uthishanhloko wamtshela ukuthi angayithi vu le ndaba ukuze avikele isithunzi sesikole.
Okwamanje, ngokomnyango wezemfundo, ingane/ umgilwa uke wavakashelwa futhi wathola ukwelulekwa ngokwengqondo eminyangweni yesifunda neminye esebenzisana nomnyango.
“Siphinde saba nomhlangano wezinhlaka ezihlukene, lapho sachaza khona ukuthi isinqumo esithathwe uthishanhloko asesekwa wumnyango,” kusho uMtima.
Yize i-Bergview iyisikole esizimele esinebhodi laso, ithola imali emnyangweni.
“Yize kunjalo, siyasixhasa [isikole]. Yingakho singenelela ukuze siqinisekise ukuthi uhlelo olwenziwa yisikole ukuxazulula lolu daba lunobulungiswa futhi lusobala,” kwengeza uMtima.
Amaphoyisa ase-Eastern Cape awazange ayiphendule imibuzo.
Esithombeni ngenhla: Isibhengezo sase-Bergview College.
Umthombo: Facebook