Uthisha waseMlazi ukhankasele uMkhonto yize umxoshe ePhalamende 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UThisha waseMlazi oxoshwe iqembu uMkhonto weSizwe Party uyaqhubeka nokulwela ukubuyiselwa ePhalamende njengoba yena nabanye besale bengomahlalela ngemuva kokuxoshwa ekubeni sebelaxaze nemisebenzi yabo.

UNksz Ntombenhle Mkhize obenguthisha e-Qhilika High School, eMlazi ubematasa ngoLwesithathu ekhankasela leli qembu ezinkethweni zokuchibiyela kanti kubuye kwavela nezindaba zokuthi icala elibachitha enkantolo yase-Western Cape lokubuyiselwa ePhalamende balidlulisile.

Kuleli cala uMkhize usesele nabanye abayisishiyagalombili njengoba bebeyishumi phambilini.

UMnuz Thami Khuzwayo obehola uphiko lwabaFundi boMkhonto utshele i-Scrolla.Africa ukuthi yena usehoxile kuleli cala kodwa usebuyele emsebenzini yeqembu.

UmaMkhize yena ethintwa i-Scrolla.Africa uthe umatasa uyakhankasa ngakho akabuye athintwe ocingweni kodwa akazange esatholakala.

Ngenyanga eyedlule umaMkhize utshele iphephandaba lesiZulu eliphuma kanye ngesonto, iLanga, ukuthi usanethemba lokubuyela ePhalamende ngemuva kokuxoshwa namanye amalungu angu-18.

Nokho umaMkhize kulamalungu angu-18 ujoyine laba abayishumi ukulwa neqembu enkantolo nayo efike yabachitha.

UmaMkhize usale engumahlalela njengoba kwathi uma iqembu limuyisa ePhalamende wesula e-Qhilika ekubeni uthisha.

Kuthe esahole kabili ePhalamende i-MKP yamxosha.

UMnuz Mpho Motshegoe oyingxenye yabayisishiyagalolunye abadlulise icala nomaMkhize, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi akukho abebengakwenza kodwa icala sebelidlulisile.

“UmaMkhize uyingxenye yethu esidlulise nabo icala. Ngaphandle kwalokho mina vele nginawo umsebenzi ngoba bengivele ngizisebenza kanti kunenkontileka engimatasa nayo yomsebenzi engiwenzayo,” kusho uMotshegoe.

Uphinde wacacisa nokuthi akulona iqiniso ukuthi emholweni wabo wanyanga zonke ka-R97 000 bebegcina sebesala nemali engu-R12 000 ngoba idonswe iqembu.

Uthe iqembu alikaze liyithathe imali yabo.

Kuthiwa laba bantu be-MKP bagoloze ngisho sekuthiwa udaba lwabo abaluxoxe noJaji John Hlophe oyiPhini likaMengameli we-MKP.

Izihloko zakamuva