Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Uthisha wasesikoleni samabanga aphansi iNkabinde Kwa-Thema, e-Springs usolwa ngokushaya umfundi (8) ofunda ibanga lesithathu ngepayipi lamanzi lepulasitiki ngoLwesibili ngenxa yokuthi ubhala kancane.
Kuthiwa uthishomkhulu ube esezama ukugxoba lesi sigameko ngezinyawo wacela intombazanyana ukuthi yenze sengathi ikhubekile “yalinyazwa itshe.”
Ingane ibigobe phezu kwedeski ibhala ngesikhathi uthisha eyishaya emhlane.
Uthole imihuzuko eminingi futhi ubengakwazi ukuhlala phansi. Kudingeke ukuthi abazali bakhe bafune usizo lwezokwelapha.
Abanye abafundi ekilasini baveze ukuthi uthisha ujwayele ukusebenzisa ipayipi ukubashaya ezandleni.
Ubaba wesisulu utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uye washaqeka ngesikhathi ebona imihuzuko. Ngesikhathi ebuza indodakazi yakhe ngale mihuzuko imtshele ukuthi ishaywe uthisha wayo.
“Ngesikhathi ngifika esikoleni uthishomkhulu uye waxolisa kodwa amalungu esigungu esilawula isikole aye akuchitha lokho athi indodakazi yami iyazakhela lezi zinsolo.
“Ngicele uthishomkhulu ukuthi isikole noma uthisha akhokhe izikweletu zezokwelapha zendodakazi yami; kodwaungitshele ukuthi ngeke akwazi ukuzibophezela kulokho njengoba kusamele ahlangane nothisha kanye nesigungu esilawula isikole.”
Uqhube wathi uthishomkhulu ucele indodakazi yakhe ukuthi ithi izilimazile ayikaze ishaywe.
“Uthishomkhulu ubizele indodakazi yami ehhovisi lakhe izolo wayiphoqa ukuthi ithi iwile yalinyazwa itshe.”
Ubaba wengeze ngokuthi umbiko kadokotela uveza ukuthi umgogodla wengane ulimele ngenxa yokushaywa.
“Sekuphele iminyaka engaphezu kwamashumi amabili kwavalwa ukushaywa kwezingane ezikoleni zakuleli kodwa sisenothisha abashaya izingane zethu,” esho.
“Manje indodakazi yami iyesaba ukubuyela esikoleni ngenxa yokuhlukumezeka. Engikufunayo ukuthi uthisha aphendule ngesenzo sakhe.”
UMnyango wezeMfundo eGoli uyazi ngezinsolo zokushaywa kwengane uthisha asolwa ngazo kulesi sikole.
“Njengomnyango siyazamukela lezi zinsolo njengezibalulekile futhi sekuqalwe uphenyo mayelana nezimo ezithinta lesi sigameko,” kusho okhulumela umnyango.
“Umbiko esinawo uveza ukuthi lo mfundi ubesesikoleni usuku lonke ngoMsombuluko ngomhlaka-24 kuMbasa kulo nyaka kuze kube manje. Okunye ukuthi izinsolo zokuthi umfundi ubengekho esikoleni azinasisekelo.”
Esithombeni esingenhla: Imihuzuko etholwe ngumfundi
Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo