Buziwe Nocuze
Abazali bezingane ezinukubezwe uthisha ngokocansi basole uthishomkhulu ngokuvikela isigebengu nokufungisa abafundi ukuthi bakugcine kuyimfihlo lokhu.
Impendulo kathishomkhulu wesikole samabanga aphezulu e-Mantlaneni, e-Lusikisiki ngemibiko yokuthi omunye wothisha bakhe unukubeza abafundi bebanga lesikhombisa ngokocansi, ukuthi abathule.
Amaphoyisa ase-Eastern Cape asekuqinisekisile ukuthi aphenya icala lokunukubeza ngokocansi ngemuva kokuthi abafundi bathi uthisha ubebanukubeza uma sekuphuma isikole.
Umama (50) ushaqekile ngesikhathi ezwa ukuthi uthisha ubekhombisa izingane amavidiyo ocansi ngaphambi kokuzinukubeza ngokuthi zidlale ngezinduku zazo.
“Kuthiwa ngemuva kokuzinukubeza ubethatha isidoda sazo asifake ebhodleleni,” esho.
Abafundi babikele uthishomkhulu, kusho lo mama, kodwa kuthiwa uthishomkhulu uye wacela izingane ukuthi zingatsheli muntu ngisho nabazali bazo ngalolu daba.
Abafana bakhe ababili bebeziphethe ngendlela exakile. “Angizange ngikuqonde abebekusho futhi kuye kwadingeka ukuthi bakuphinde amahlandla ambalwa ngaphambi kokuthi kungene emqondweni wami.”
Abazali babafundi baye kuthishomkhulu ngesonto eledlule ngemuva kokuzwa izindaba eziphazamisayo ezinganeni zabo.
“Umholi onjani lowo? Izingane zethu ziyanukubezwa, uthisha athathe isidoda zazo, yena akaboni lutho olubi lapho.”
Uthe ngesikhathi abazali befika esikoleni ngoLwesithathu ekuseni bezodingida lolu daba, uthishomkhulu “ubebonakala engenandaba futhi uvele wakhuluma nabo ngendlela engalungile.
“Sifuna yena nothisha bahambe. Sihambisa izingane zethu esikoleni ukuze zithole imfundo, hhayi ukuthi zinukubezwe.”
Ngesikhathi abanye omama ababili beya esiteshini samaphoyisa batshele i-Scrolla.Africa ukuthi abafana babo nabo bahlukunyezwe ngokocansi. Baphinde basola udaba lokuthulisa izingane zabo.
Omunye umzali uthe ufuna uhulumeni athathe isinqumo esiqinile axoshe uthisha nothishomkhulu.
“Ngeke ngikuphakamise ukuthi uthisha kanye nothishomkhulu badluliselwe kwezinye izikole ngoba bazofike benze okufanayo. Kumele babe kude nezingane,” esho.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Eastern Cape uMalibongwe Mtima, uthe bamise uthisha emsebenzini.
“Uthisha umisiwe njengoba kuqhubeka uphenyo, sihlela ukwesekwa kwezenhlalakahle ukusiza abafundi,” kusho uMtima.
Okhulumela abakwa-SAPS e-Eastern Cape uWarrant Officer Majola Nkohli, uthe uphiko oluphenya ngamacala odlame lwemindeni, ukuvikelwa kwezingane kanye namacala ocansi luphenya icala lokuhlukumeza ngokocansi. Lezi zingane zithi uthisha wazo uzinukubeze ngokocansi phakathi kukaNhlolanja noMfumfu kulo nyaka.
“Umsolwa uyaziwa futhi sekuseduze ukuthi aboshwe,” kusho uNkohli.