Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Kusolwa ukuthi uthisha wasesikoleni samabanga aphezulu i-Tuscany Glen eKapa ugunde umfundi webanga likaGrade-11 umqhino wamshiya ehlukumezekile futhi ephoxekile.
UBeauty Hoko ongumama womfundi ubelokhu ezama ukuthola izimpendulo kuthisha ngemuva kwesigameko esenzeke ngoMasingana.
“Indodakazi yami ibuye esikoleni ikhala. Uthisha okungumuntu okufanele amsize uye wamlulaza phambi kwabanye abafundi. Uye wamgunda umqhino ngaphandle kwesizathu,” kusho umama othukuthele etshela i-Scrolla.Africa.
Kuthiwa lo mfundi ubizwe uthisha ngesikhathi sesidlo sasemini, kanti uye wagundwa umqhino ngesikelo phambi kwabanye abafundi.
UHoko ocasukile uthe indodakazi yakhe bekungeyona yodwa eqhine ama-braids.
Umama obethukuthele egane unwabu usevakashele esikoleni kaningi kodwa kuze kube manje akakatholi ukuthi kungani uthisha egunde ingane yakhe umqhino.
“Le nto yenzeke ekupheleni kukaMasingana, kodwa kuze kube manje uthisha ubengakangitsheli ukuthi yini edale ukuthi enze akwenzile,” esho.
UHoko useyikhiphile ingane yakhe esikoleni.
“Le nto eyenziwe uthisha ingikhumbuze isigameko sokuhlukumeza esenzeka esikoleni nyakenye. Indodakazi yami yafeyila ibanga lesi-11 ngenxa yokuthi yayihlukunyezwa, manje uthisha wenze lokhu wengeza ingcindezi kwindodakazi yami.
“Bengingeke ngivume ukuthi indodakazi yami ihlale lapho ehlukunyezwa khona. Ukululazwa besekweqile,” kusho uHoko.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Western Cape uBronagh Hammond uthe bayaphenya ngalezi zinsolo.
“Senze izicelo nesifunda [iziphathimandla], sabika ukuthi azikho izinsolo eziveziwe ngaphambilini futhi sizoxoxisana nesikole ngalolu daba,” kusho uHammond.
Esithombeni esingenhla: Umfundi webanga likaGrade11 wasesikoleni samabanga aphezulu i-Tuscany Glen
Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze