
Sihle Mkhize
Umfundi webanga lesishiyagalombili akazange angabaze ngesikhathi uthisha wakhe wezibalo embiza emcela ukuba azomsiza egumbini eligcina izimpahla zesikole.
Uphume ekilasini wayo ‘siza’ uthisha, engazelele ukuthi kungase kube khona okubi okuzomehlela.
Kusolwa ukuthi intombazanyana eneminyaka engu-14 ubudala efunda esikoleni samabanga aphezulu i-Hoerskool Dundee KwaZulu-Natali ihlaselwe yadlwengulwa nguthisha wayo. Abazali bahambisa izingane ezikoleni ngethemba lokuthi othisha bazophenduka abazali.
Kuthiwa isigameko senzeke ngoLwesihlanu. Ngemuva kwalokho uthisha uyalele intombazanyana ukuthi ibuyele ekilasini yenze sengathi akwenzekalanga lutho kwabanye abafundi.
Kodwa intombazanyana ibikele abanye othisha ababize amaphoyisa.
Uthisha uboshwe esikoleni ngalo lolo suku. Lo mfundi usizwe ngudokotela wezengqondo ngaphambi kokuba ayiswe kosonhlalakahle.
Ilungu lomndeni, elingeke lidalulwe igama ukuvikela ingane encane, lithe intombazanyana ibihlezi ibukela kuthisha imbheka njengomzali.
“Ubebukela kuye okuningi kodwa uthisha ononya wasizakala. Izingane zethu aziphephile ikakhulukazi kulesiya sikole. Hlobo luni lwenunu engadlwengula ingane esikoleni?” kusho isihlobo sitshela i-Scrolla.Africa.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo eKZN, uMnu Muzi Mahlambi, uthe bayazi ngalesi sigameko.
“Sizomqondisa izigwegwe uthisha,” kusho uMahlambi.
Encwadini eya kubazali babafundi, isigungu esilawula isikole sithe siphoxekile futhi sidumele ngokubazisa “ngesigameko esibuhlungu” esenzeke esikoleni.
“Asinawo amazwi anele okuveza ukushaqeka kwethu nokuphoxeka esinakho. Kusiphatha kabi ukusho ukuthi kunothisha womnyango okuthiwa unukubeze umfundi ngokocansi ngesikhathi sesikole ngoLwesihlanu”.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natali, uColonel Thembeka Mbele, ukuqinisekisile ukuthi umsolwa oneminyaka engu-36 uboshiwe kanti ubhekene necala lokudlwengula.
“Umsolwa uvele eNkantolo yeMantshi yase-Dundee futhi uzogqunywa esitokisini kuze kube umhlaka-28 kuNhlolanja ngo-2022 lapho ezofaka khona isicelo sebheyili,” kusho uMbele.