Umthetho wokuqala wokulwa uthi awukhulumi ngempi.
Kodwa-ke, kunothile ongazange awugcine lo mthetho njengoba kuboshwe uthisha wase-Florida, eMelika ngenxa yokuqhatha abafundi bakhe bebanga lesithupha ezimpini ezinonya nezihleliwe.
U-Angela Footman (23) wehlulekile ukunqanda izimpi ebezenzeka ekilasini lakhe futhi uze wabeka nemithetho yempi uma abafundi belwa.
UFootman utshele abafundi ukuthi: “Imizuzwana engu-30, akekho ozokhala, ozomemeza, ozophatha umakhalekhukhwini,” ngokwesitatimende esifungelwe, kubika i-Insider.
Abafundi abane bamantombazane basekilasini likaFootman badalule le mininingwane emaphoyiseni endawo.
Kodwa-ke, abafundi bawushaye indiva umthetho kaFootman othi “kungasetshenziswa omakhalekhukhwini.” Amavidiyo ezimpi okungenani ezintathu eziqoshwe ngasekupheleni kukaNdasa kulo nyaka ngabafundi ekilasini abuyekezwa ngamaphoyisa.
Amavidiyo abonisa uFootman ebuka abafundi belwa futhi esho amazwi afana nokuthi “ningamemezi ningenzi lutho, kanye nokuthi “yekani ukudonsana izinwele.”
Kuthiwa uthisha uphinde wabuza amantombazane amabili ukuthi angathanda yini “ukuqala phansi” ngemuva kwengxabano phakathi kwalaba ababili.
La mantombazane amabili awafundi ekilasini likaFootman futhi akhishwe ezifundweni zawo ukuthi azolwa.
Ngesikhathi ekhuluma nomseshi amantombazane aveze ukuthi lezi zimpi bezihleliwe futhi azizenzakalelanga.
Ngomhlaka-28 kuNdasa, uFootman uye waqinisekisa ukuthi lezi zimpi zenzeke ekilasini lakhe kodwa uye waphika ukuthi nguye ozihlelile noma owabiza amantombazane ukuthi aphume emakilasini awo azolwa.
Uphinde wavuma ukuthi akakwazi ukuphatha ikilasi kodwa wathi izimpi bezishesha kakhulu ukuthi engazinqanda.
Amaphoyisa aphinde ambuza ukuthi kungani engazange acele usizo, kanti izaba zikaFootman ukuthi ucingo lwakhe lwasedeskini belungasebenzi.
Manje usebhekene namacala amaningi okuba nesandla ebuhlongandlebeni bezingane, ngokusho kwesitatimende esikhishwe iHhovisi likaSherifu uLeon County.
Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt
Esithombeni esingenhla: Ikilasi