Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Onogada bezimoto abane okusolwa ukuthi bantshontshe amalambu ngaphandle kwendawo yokucima ukoma bathunjwe bafakwa ebhuthini yezimoto bayiswa esigangeni lapho abafike bahlukunyezwa khona amadoda amahlanu.
Ababili bashonile.
NgoLwesine amaphoyisa abophe umsolwa mayelana nalesi sigameko sokubulala esenzeke ngomhlaka-22 kuMasingana.
Umsolwa onguthisha uboshwe wakhishwa efakwe ozankosi esikoleni asebenza kuso e-Soweto.
Imithombo esondelene necala itshele i-Scrolla.Africa ukuthi abasolwa abane kungenzeka baboshwe maduze. Futhi bonke bangothisha!
Onogada ababili bashonele endaweni yesigameko kwathi ababili basinda ukuze baxoxe ngendaba esabekayo nokuhlukunyezwa.
I-Scrolla.Africa sikhulume nomzali wesinye sezisulu.
UMnu Mfanafuhi Mbanjwa okubulawe indodana yakhe uTshiditso Ramatlo uthe indodana yakhe ibingelona isela kodwa ibulawe njengesigebengu ngemuva kokukhandwa ngamatshe nokudutshulwa.
“Ukhandwe ngamatshe njengesigebengu waze washona. Ubenenhlamvu ekhanda,” esho.
Uthe: “Amadoda amshayile ebengenabo ubufakazi bokuthi uTshiditso nabangani bakhe bantshontshe amalambu ezimoto.”
Uthe balandwe bafakwa ebhuthini nasezihlalweni ezingemuva ezimotweni. Abasolwa baqale babayisa egaraji lapho abafike bathenga khona uphethiloli ngaphambi kokuthi badlulele endaweni evulekile.
“Babayise endaweni evulekile balahla izisulu ezintathu lapho becabanga ukuthi bonke bashonile.”
Kodwa uMfanafuthi uthe abasolwa bakhohlwe esinye isisulu emotweni yabo base bebuyela naye emuva esebhuthini. “Ngokuhamba kwesikhathi baye bakhumbula base bembuyisela lapho abalahle khona abanye abathathu.”
Amaphoyisa athole izidumbu ekuseni ngemuva kwesigameko.
Omunye wothisha uboshwe elapho asebenza khona ngoLwesine wavela eNkantolo yeMantshi yase-Orlando namuhla. Icala lihlehliselwe uLwesihlanu ukuze afake isicelo sebheyili ngokusemthethweni.
Esithombeni esingenhla: Inkantolo yeMantshi yase-Orlando
Umthombo wesithombe: Facebook