Uthisha ‘oyiKhaladi’ usolwa ngobuqili

Uthisha wakuleli uGlen Snyman ubizelwe esigcawini sokuqondiswa kwezigwegwe, esolwa ngobuqili, njengoba ezibize ngokuthi “ungumAfrika” esicelweni somsebenzi.

Umsunguli weqembu lomkhankaso i-People Against Race Classification uyiKhaladi.

Uthisha wesikole samabanga aphansi owazibiza ngokuthi “ungumAfrika” ngenkathi efaka isicelo sokuba uthisha ngowezi-2017. Kubonakala sengathi akawutholanga lo msebenzi.

I-TimesLive ibika ukuthi, kusukela ngowezi-2010 uMnu Snyman wathi uzithatha “njenge sakhamuzi sokuqala sakuleli” ngoba ungumuntu waseNingizimu Afrika.

“Wenze icala elijwayelekile, ukwenza ubuqili, ngokusho kwe-CV yakho lapho ufaka isicelo sokuba nguthishanhloko eFezekile Secondary School ukuthi ungowesilisa ongumAfrika, kanti empeleni amarekhodi akho akhombisa ukuthi uyindoda eyikhaladi futhi ngokwenza lokho ubuzozuza ukufakwa ohlwini olufushane,” kusho iphepha lokubekwa icala.

Noma yimuphi umsebenzi angashintsha irekhodi labasebenzi, kusho uBronagh Hammond okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni saseNtshonalanga yeKapa.

Kepha akucaci ukuthi indaba yobuhlanga ibizosingathwa kanjani.

Icala likaSnyman liphakamise imibuzo eminingi ngokuthi abantu bavunyelwe kangakanani ukuzikhethela ukuthi bazibiza ngaluphi uhlobo lwebala, baziveza kanjani, nokuthi ikhona kuphi okuyikho – ezweni lapho ubuhlanga busetshenziswe njengesikhali sokucindezela eminyakeni engamakhulu eyedlule. Lo umbuzo omkhulu.

Izihloko zakamuva