Uthisha owenza umsebenzi oncomekayo wokunakekela abafundi

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Enkabeni yaKwaNobuhle, e-Eastern Cape iJN Tulwana Primary School izishaya isifuba ngeqhawe labo uNcumisa Mahayiya.

Umusa walo thisha webanga lesibili umenze wanconywa umphakathi wonke njengoba egcwalisa izisu nezinhliziyo zabafundi bakhe abancane.

Kwamthinta inhliziyo uMahayiya ukuthi abanye babafundi bakhe bafika esikoleni belambile, wabe eseqhamuka necebo.

“Kwakusekuseni ngingakaqali ngisho ukufundisa ngabona omunye wabafundi bami ekhala. Ngambuza ukuthi inkinga ikuphi wathi ulambile,” esho.

UMahayiya wabhalela abazali izincwadi ecela ukuthi ingane ngayinye ize nenkomishi esikoleni.

Wayefuna ukubanikeza inkomishi yetiye ngaphambi kokuba ikilasi liqale ukuze bathole okuthile okufudumele bakwazi ukuphuza futhi banciphise ukulamba kwabo.

Abazali bawuqonda futhi bawusekela ngokugcwele umbono wakhe.

Isenzo sakhe esihle asigcini nje kuphela ngokusiza izingane ezilambile kodwa futhi kudala umuzwa wokuhlangana phakathi kwazo.

“Ukuze sibe nabafundi abajabule abathandanayo nabahloniphanayo kumele senze isiqiniseko sokuthi siyabanakekela,” esho.

UMahayiya akagcini ngokunikeza itiye kuphela kodwa futhi wabelana ngesidlo sakhe sasemini nezingane.

Ukhuthaze abafundi abanenhlanhla yokuba nokudla ukuthi babelane ngesidlo sasemini nabangani babo.

“Kodwa kuphela uma befuna. Kufanele kusuke ezinhliziyweni zabo bangaphoqwa,” kusho yena.

Lesi sikole sinabafundi abaningi abahluphekayo kanti uMahayiya unethemba lokuthola usizo, ikakhulukazi ukuhlinzeka ngemifaniswano yesikole efanele kulabo abangenawo.

UMnuz Lungisekazi Mhlatyaana oyisakhamuzi, uncome ukuzinikela kukaMahayiya futhi unethemba lokuthi nabanye bazoweseka umsebenzi wakhe omuhle.

“Lokhu kukhombisa ukuthi abanye othisha abagcinanga ngokuthatha lo msebenzi ngenxa yemali kodwa bathanda izingane,” kusho isakhamuzi.

Esithombeni esingenhla: Uthisha waseJN Tulwana Primary School, e-Eastern Cape uNcumisa Mahayiya uthathe isinqumo esijabulisayo sokwenzela abafundi bakhe itiye ngaphambi kokuqala ukufunda.

Umthombo wesithombe: Kunikeziwe

Izihloko zakamuva