UThemba Dube unqabe ibheyili kanye nosizo lwezomthetho

Moyahabo Mabeba

Umlisa ozivumele yena ngokuthumba nokubulala abesifazane abambalwa endaweni yase-Polokwane e-Limpopo usilahlile isicelo sakhe sebheyili.

UThemba Prince Willard Dube oneminyaka engama-36, ubhekene namacala ayisikhombisa okuthumba nayisikhombisa okubulala.

UDube uboshwe ngoMgqibelo mhla ziyisikhombisa kuLwezi esibhedlela lapho aybeyolashwa khona inxeba lokudutshulwa.

Ngokusho kwamaphoyisa, uDube wayeheha izisulu zakhe ngokuzithembisa imisebenzi, kodwa kunalokho wazithumba, wazidlwengula futhi wazibulala.

UDube utshele imantshi uCelia Harris eNkantolo yeMantshi yase-Seshego ngoMsombuluko ukuthi akadingi uhulumeni ukuthi amnikeze usizo lwezomthetho.

“Ngifuna nje ukukhuluma iqiniso,” esho.

Uzogcinwa esitokisini kuze kube umhla zingama-27 kuMasingana wezi-2022.

UDube, owazalelwa e-Zimbabwe ovumile ukuthi usezweni ngokungemthetho waqale waboshwelwa ukutholakala nomakhalekhukhwini owebiwe. Amaphoyisa athole ukuthi ngeyowesifazane owayedukile wase-Lebowakgomo.

Yize engabuzwanga ukuthi uyalivuma yini icala, uDube usevele wazivumela yena icala lokuthumba nokubulala abesifazane abayisikhombisa okunguSarah Mothiba, u-Eva Makhura, uMpho Senyatsi, u-Andrea Cholo, uJane Letsoalo kanye noMoleboheng Mothibeli ongowase-Lesotho nozakwabo wase-Zimbabwe, uChisimango Gumbo. Laba besifazane baneminyaka ephakathi kwengama-25 nengama-48.

Izidumbu eziyisikhombisa esezibolile zitholwe zilahlwe ehlathini elise-Polokwane kanti uphenyo lwamaphoyisa lusazohlonza.

UDube wasuka esigodini sangakubo e-Matebeleland eningizimu-nentshonalanga ye-Zimbabwe ngowezi-2019 weza eNingizimu Afrika ngokungemthetho emngceleni we-Beit Bridge lapho aqala khona imikhuba yakhe emibi.

Ngisho nangemuva kokuba imantshi imcebisa ukuthi athole usizo lwamahhala, uDube ume kwelokuthi akaludingi usizo.

“Ngiyakwazi okwenzekayo futhi ngikulungele ukukhuluma iqiniso ukuze wonke umuntu azi ukuthi kwenzekalani. Asikho isidingo sokuthola ummeli,” esho.

Umzala kaGumbo, uTanaka Chigohuti uthe izenzo ezimbi zikaDube sezibhebhethekise umlilo wokucwaswa kwabantu e-Ningizimu Afrika.

“Abantu abafana noDube abenza abantu bangaphandle babukeke kabi. Yize engowakithi ngeke ngimvune ngakwenzayo,” kusho uChigohuti.

UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkarareng Rakgoale, uthe uMnyango uzosiza imindeni yabashonile ngezinhlelo zokungcwaba uma izidumbu zabo sezihlonziwe.

Izihloko zakamuva