Uthelwe othulini umbulali obefunwa ngamaphoyisa

Kamogelo Olaitan

UMbuso Biyela udutshulwe wabulawa entathakusa ngeSonto esigodini sase-Sahlumbe e-Weenen KwaZulu-Natal.

UBiyela osekuphele izinyanga ebalekela amaphoyisa ase-Gauteng ubefunwa mayelana namacala abucayi ahlanganisa nelokubulala iphoyisa ngoMfumfu nyakenye.

“UBiyela umataniswa namacala amahlanu elokubulala uJabulani elenziwa phakathi kukaMfumfu nyakenye kanye nelenziwe ngoNdasa,” kusho uBrigadier Brenda Muridili.

“UBiyela uphinde amataniswe necala lokudunwa kwemoto e-Lenasia ngonyaka ka-2017, icala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nelokubulala e-KZN ngo-2020.”

Wake waboshwa e-KZN nase-Gauteng ngecala lokubulala ngoNcwaba ngo-2020 nangoMfumfu nyakenye. 

Ngenyanga edlule amaphoyisa akhiphe umehlokaboni ka-R10 0000 ngokuboshwa kwakhe ngemuva kokweqa esitokisini nyakenye.

UMuridili uthe ngesikhathi amalungu esifundazwe ophiko lwe-Serious and Violent Crimes, uphiko lwezobunhloli esifundeni sase-Soweto kanye namathimba ase-Gauteng nase-KZN ezama ukuthola uBiyela obecashile uvele waqala ukudubula amaphoyisa nawo abe eseyaphindisela. 

UBiyela ulimale kabi kanti alikho ilungu elithole imihuzuko.

UKhomishana wamaphoyisa esifundazweni sase-Gauteng Jenene u-Elias Mawela uthe imininingwane ephume emphakathini isize amaphoyisa ekuzingeleni uBiyela.

“Izingcingo esizitholile zisisize kakhulu. Siyabonga emphakathini ngokubambisana,” kusho uMawela

Izihloko zakamuva