Uthelwe othulini owesilisa ogwaze abomndeni wakhe 

Lubhalwe nguZavela Makwabe

Isigameko esenzeke esiteshini samaphoyisa eMthatha, e-Madeira, ngeSonto ebusuku siphethe ngokushona kowesilisa.

Owesilisa oneminyaka engu-31  elingadalulwanga igama lakhe ugwaze unina, umzala wakhe kanye nesinye sezihlobo zakhe ngaphambi kokuba angene esiteshini samaphoyisa ephethe ummese omkhulu.

Kusolwa ukuthi uvele wangena emagcekeni asesiteshini samaphoyisa ngemuva kwalokho wawathuka ngezinhlamba ewasabisa nangesikhali abesiphethe esandleni. Amaphoyisa abesendaweni yesigameko avele amdubula washona.

Lesi sigameko njengamanje siphenywa ngabe-Independent Police Investigative Directorate (IPID) kanti kusolakala ukuthi senzeke ngehora lesithupha ebusuku ngeSonto.

Amaphoyisa abesendaweni yesigameko athole ukwelulekwa ngokwengqondo.

NgoMsombuluko, okhulumela amaphoyisa uBrigadier Thembinkosi Kinana uthe uphenyo luveze ukuthi ngaphambi kwesigameko esenzeke esiteshini, umsolwa uqale wagwaza izihlobo zakhe ezintathu emzini wakhe waphuca esinye isikhwama esinemali nezinye izinto okubalwa nomakhalekhukhwini.

“Lezi zimpahla namakhadi asebhange kutholwe ngamaphoyisa kwahlonzwa ngamalungu omndeni,” kusho uKinana.

Yize kuthiwa umzala ulaliswe esibhedlela ngokugwazwa, kodwa isimo sabanye ababili asikaziwa.

UKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni, uLieutenant General Nomthetheleli Mene usezwakalise ukushaqeka ngalokho akubize “ngokuhlaselwa kwamalungu e-SAPS ngaphandle kwesizathu” futhi wanxusa wonke amaphoyisa eziteshini eziseduze nesifundazwe ukuba aqaphe kakhulu ngesikhathi enza umsebenzi wawo wokusiza imiphakathi.

Kuvulwe icala lokuzama ukubulala kanjalo nophenyo mayelana nezimo ezithinta lesi sigameko oluzosingathwa ngabe-IPID.

Alikho iphoyisa elilimalile ngemuva kwalesi sigameko. 

Isithombe esingenhla: Isiteshi samaphoyisa sase-Madeira eMthatha, e-Eastern Cape

Umthombo wesithombe: Facebook

Izihloko zakamuva