Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Osolwa ngokweba amakhebuli kagesi udutshulwe wabulawa onogada be-City Power ngoLwesihlanu.
Umufi nasolwa nabo ababoshiwe, batholakale beba izintambo zikagesi ze-City Power ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.
Okhulumela i-City Power u-Isaac Mangena uziqinisekisile lezi zigameko.
UMangena uthe owesilisa udutshulwe wabulawa e-Lenasia ngoLwesihlanu, ngemuva kokudubula izikhulu ezizimele ze-City Power ezama ukubaleka nezintambo zikagesi ezebiwe.
UMangena uthe onogada abazimele bale nhlangano babizelwe kule ndawo obekunezinsolo zokuthi kwebiwa amakhebula kagesi ngesikhathi behlaselwa ngezibhamu.
“Ngesikhathi befika endaweni obekwenzeka kuyo ubugebengu omunye wabasolwa ukhiphe isibhamu wadubula ebhekise konogada. Amaphoyisa abehlomile adubula aphindisela umsolwa walimala kabi.
“Kuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyisa e-Eldorado Park,” kusho uMangena.
Uthe umsolwa obehamba nomufi naye obesendaweni yesigameko akazange alimale, kodwa uboshwe khona lapho. “Owesibili ubanjwe nekhebula ye-copper namakhava angu-500 e-LED, okukholakala ukuthi ebiwe esikoleni esiseduze.” Amakhava kuthiwa abegcinwe esikoleni.
Umsolwa oneminyaka engu-22 ubudala oboshiwe uthweswe icala lokweba nokutholakala nezimpahla ezebiwe.
UMangena uthe lesi sigameko senzeka nje emuva kokwanda kwezigameko zokwebiwa kwamakhebuli kanye nokucekelwa phansi kwempahla edolobheni laseGoli emasontweni edlule.
NgoMasingana, i-City Power yavula amacala angaphezu kuka-200 okuntshontshwa kwamakhebula nokucekelwa phansi kwempahla.
“Kule mpelasonto iyodwa, sibe nezigameko ezifuze lezi ezingu-14 kuzo zonke izikhungo zokulethwa kwezidingo, kwaba namacala amahlanu okucekelwa phansi kukagesi ngesikhathi esifanayo.”
Uthe ukucekelwa phansi kwengqalasizinda ye-City Power kuyakhathaza kakhulu njengoba kunomthelela ekutheni ikwazi ukuletha ugesi ongaphazamiseki kumakhasimende. “Siyaxolisa kubo bonke abathinteke kakhulu ngomthelela walobu bugebengu.”
Ngenxa yokwanda kwezigameko zokwebiwa nokucekelwa phansi kwama-transformer neziteshi ezincane, isidingo salezi zinsiza singaphezulu kwalokho i-City Power engakuhlinzeka.
“Lokhu kuphazamisa ukulethwa kwezinsiza ezanele njengoba kuhlale kudingeka okungaphezulu,” esho.
Inkampani kagesi kuleli dolobha inxusa umphakathi ukuthi ubambe iqhaza elikhulu ekuvikeleni ingqalasizinda yedolobha.
“Nakuba i-City Power isaqhubeka nokusebenza kanzima ukuqinisa ezokuphepha, okuhlanganisa ukusebenzisana nababambe iqhaza abahlukene nokutshala ubuchwepheshe bamuva ukuze kunqandwe ubugebengu, sisaludinga usizo lwabahlali ukuze silwe ngempumelelo nesihlava sokwebiwa kwamakhebuli nokucekelwa phansi kwempahla,” kusho uMangena.