Uthathwe isithombe ephuza i-champagne uNgqongqoshe

Arthur Greene

OwayenguNgqongqoshe wezokuvikela e-Cameroon uthathwe isithombe ephuza i-champagne ngesikhathi ezimele eNkantoko ezobhekana namacala enkohlakalo.

Ngesikhathi enguNgqongqoshe wezokuThutha ngonyaka ka-2019 u-Edgar Alain Mebe Ngo’o wabekwa icala lenkohlakalo nokuphambanisa izimali zomphakathi.

Waboshwa wagqunywa esitokisini ejele elikhulu enkabeni yedolobha i-Yaounde.

Kodwa uma ubheka izithombe ezishicilelwe kwi-Actu Cameroun ngesonto eledlule ubungeke usho ukuthi uNgo’o ubebhekene nesikhathi esinzima.

Ubegqoke isudi ebibukeka ibiza ephethe ingilazi egcwele i-champagne.

Kwesinye isithombe ingilazi kaNgo’o ayinalutho.

Umthombo wesithombe: @fidieckemile

Izihloko zakamuva