
Sizwe Sibiya
Umlingisi uJamie Bartlett odume ngendawo yakhe emdlalweni owuchungechunge obudlala kwi-eTV i-Rhythm City ushone ngenxa yesifo senhliziyo ngoMsombuluko ebusuku, kuqinisekisa umlingani wakhe uRosa Onious.
“Siyitholile imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu bathi lokhu kwenziwe ukucindezeleka kwenhliziyo,” u-Onious, owayenoBartlett ngesikhathi eshona etshela i-Channel 24 ngoLwesithathu.
U-Onious ushayele isithuthi seziguli ucingo ngemuva kokubona ukuthi lo mdlali kamabonakude oneminyaka engu-55 ubudala akavuki ngesikhathi ebiza igama lakhe ephindelela.
“Bazame konke ukumvuselela nge-CPR, kodwa bese kufike isikhathi,” kusho u-Onious.
UBartlett ubedlala indawo kaDavid Genaro obeyisigebengu ebesizondwa ngabalandeli abaningi iminyaka engu-13 ku-Rhythm City. Le ndima imenze wathola izindondo ezintathu ze-South African Film & Television Awards (i-Saftas) okuhlanganisa nendondo ye-Best Actor ngo-2019. Washiya kwi-Rhythm City ngoNhlolanja ngo-2020 unyaka ngaphambi kokuba lo mdlalo owuchungechunge uhoxiswe kulesi siteshi ngoNtulikazi nyakenye.
“Ubenamandla kwi-Rhythm City nasezimpilweni zethu. Wayengafani ncamashi noDavid Genaro, kodwa ngokuqinisekile wayenamandla futhi enothando njengoDavid Genaro,” kukhumbula umdidiyeli omkhulu we-Rhythm City uHarriet Gavshon ekhuluma ne-EWN.
Lesi sihlabani somlingisi siphinde sadlala komunye umdlalo wodumo kwi-SABC 3 Isidingo ngasekupheleni kweminyaka yango-1990.
UBartlett ulingise ezindaweni eziningi okuhlanganisa namafilimu ase-Hollywood afana ne-American Ninja 2 yango-1987 i-The Confrontation kanye ne-2013 Nelson Mandela biopic Long Walk to Freedom.
Uzobekwa endaweni yakhe yokugcina ngosuku oluzomenyezelwa maduze ngumndeni wakhe.