Uthatha umhlalaphansi usigaxamabhande obengathi nsi ezigebengwini

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

UKhomishana wamaPhoyisa eGauteng uLieutenant General Elias Mawela usethathe umhlalaphansi ngemuva kweminyaka engamashumi amane eyibambe ishisa.

UMawela wajoyina amaphoyisa e-Saps njengoConstable ngo-1984, esebenza eMamelodi. Wasebenza ngokuzikhandla waze wathola isikhundla sokuba nguLieutenant General ngo-2011.

Emsebenzini wakhe useke waba iPhini likaKhomishana ePitoli, iNhloko yoPhiko lwamaphoyisa asemngceleni, uKhomishana we-Divisional of Operational Response Services (ORS) noSihlalo we-Natjoints.

UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uGeneral Fannie Masemola ufisele uMawela okuhle kodwa.

UMasemola uthe uMawela usebenze njengoKhomishana wesifundazwe ngenkontileka yeminyaka emihlanu kanti isikhathi sakhe sokusebenza njengoKhomishana sesiphelile .

UMasemola uncome uMawela ngokusebenza ngokuzikhandla nokuphinde abe umholi oqotho

Uthe uMawela uzokhumbuleka ngemikhnkaso eminingi kubalwa nokusungulwa kwenhlangano i-O Kae Moloa.

I-O Kae Moloa isiza amaphoyisa aseGauteng ekuqaleni imikhankaso yokuthungatha abasolwa abebefunwa uthuli, eshaqa izimpahla ezingekho emthethweni aphinde athole nezimoto ezintshontshiwe kanye nezibhamu.

UGeneral Masemola uthi uMawela ushiye lo mbutho endaweni enhle kakhulu njengoba umlando wakhe uzosetshenziswa izizukulwane zamaphoyisa ezizayo.

UMawela ujoyine futhi wahola imikhankaso eminingi okuhlanganisa neyokuthola ozama zama eKrugersdorp ngemuva kokuthi izigelekeqe zidlwengule abesifazane abayisishiyagalombili emayini engasasetshenziswa.

Uphinde waya e-Alexandra ngemuva kokubulawa kwabantu abayisikhombisa ngobusuku obubodwa okuhlanganisa noDJ we-Alex FM, uJoshua Mbatha. Uphinde wahambela amamashi okulwa nobugebengu abenziwa umphakathi waseDiepsloot.

Osesithombeni esingenhla: U-Elias Mawela.

Umthombo wesithombe: Sithinyelwe

Izihloko zakamuva