Uthando lwakhe no-sugar mama seluphenduke usizi

Everson Luhanga

Imali, utshwala kanye nocansi oluvuthayo.

Indlela uVundlani Mwandzule achaze ubudlelwano bakhe nomama osemdala kunaye obaqala ngesigaba sesihlanu somvalelo.

UVundlani uneminyaka engama-25, ahlekisana naye uneminyaka engama-42. Lo ahlekisana naye ushiya umama wakhe ngeminyaka emibili, igama likamama wakhe uThandazile Tshikhathali oneminyaka engama-44.

UVundlani uthe impilo yakhe ubeyijabulela futhi imuchaza ngoNdasa ngowezi-2020 ngemuva kokuba izwe liye kumvalelo wesigaba sesihlanu.

“Sahlangana endaweni yokuzijabulisa e-River park ngaphandle kwaselokishini lase-Alexandra” kusho uVundlani.

“Sanikezana izinamba zocingo ngemuva kwalokhu ubudlelwano bethi babuvutha amalangabi ngesikhathi sisesigabeni sesihlanu somvalelo, ngaqala ukumvakashela emzini wakhe e-Lombardy eduze ne-Edenvale”

Uthe njalo uma emuvakashele ubemuthengela utshwala obuningi ukuze adakwe.

“Ngemuva kokuphuza kube sekulandela ucansi ubusuku bonke”, kusho uVundlani.

UVundlani uyalikhumbula usuku ngenkathi enqaba ukulala naye ngoba ekhathele wamusabisa ngokunquma isitho sakhe sangasese nge-razor. 

“Kwakumele ngikhiphe wonke amandla ami ngilale naye” kusho uVundlani.

UVundlani uthe lomama omdala kunaye ubemuyisa ezindaweni ezibizayo nasezindaweni okudliwa kuzo eziphezulu.

“Noma ngabe utshwala bukhona endlini kodwa ubengikhipha siyodla ngaphandle”.

Izinto manje sezivele zashintsha. 

“Sengikhathele angisamudingi empilweni yami” kodwa uthe yena usangidinga.

Uthe lo owesifazane usefika nalapho ehlala khona. Uthe usechithe imali eshisiwe kabi kuye wamusabiza ngokumulimaza.

Umama kaVundlani uThandazile Tshikhathali utshele i-Scrolla.Africa wathi lomama omdala wenza impilo yakhe naye ingabi mnandi.

“Ufika endlini yami angitshele ukuthi ngiyahlupheka angamukele ukuthi ingane yami ithanda yena” kusho uThandazile.

“Ungitshela ukuthi angathengela izingane zami zonke ama-laptops nanoma yini abayidingayo ngoba yena unemali”.

UThandazile uthe bazoya emaphoyiseni ukuyovula icala baphinde bathole incwadi ezokwenza angasondeli eduze kwabo.

I-Scrolla.Africa ikwazile ukuthola uJane wakhuluma nathi ocingweni.

Uthe “angeke ngikhulume ngempilo yami kwabezindaba angeke ngiphawule” kusho uJane.

Izihloko zakamuva