UThabo Bester akanawo umazisi  

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki


Akukho okusezandleni zeziphathimandla okufakazela ukuthi uThabo Bester uyisakhamuzi sakuleli.

UBester ophinde waboshwa e-Tanzania nentombi yakhe uDkt Nandipha Magudumana ufike kuleli ngoLwesine ekuseni wagqunywa ejele iKgosi Mampuru ePitoli.

UKhomishana wamaPhoyisa kazwelonke uJenene Fannie Masemola utshele iPhalamende eliphenya ngesigameko sokweqa kukaBester ejele lase-Mangaung ukuthi uBester akanawo umazisi wakuleli.

“Ungowakuleli ngokwerekhodi lobugebengu. Umuntu odonse isigwebo ejele lase-Mangaung  nguyena oboshwe iziphathimandla zase-Tanzania.”

Ngaphandle kwalokho ayikho into ekhomba uBester njengomuntu wakuleli.

Okungenani bathathu abantu ababizwa ngoThabo Bester kuleli ababili babo banomazisi bakuleli abasemthethweni. Kodwa umbulali owalahlwa icala ophinde abe umdlwenguli waku-Facebook akakaze abe nomazisi.

UJenene Masemola utshele iPhalamende ukuthi uBester uqinisekiswe e-Tanzania ngokusebenzisa izithupha zakhe ezithathwe emarekhodini akhe obugebengu kuleli.

Kulindeleke ukuthi uNgqongqoshe wezaseKhaya u-Aaron Motsoaledi abikele abezindaba mayelana nomazisi kaBester kanye nezincwadi zokuhamba ezenziwa uBester noDkt Nandipha ngesikhathi bebaleka kuleli.

Esithombeni esingenhla: UThabo Bester noDkt Nandipha Magudumana

Umthombo wesithombe: Chriselda Lewis

Izihloko zakamuva