UTen Hag uhloniphe uBenni ngomsebenzi wakhe kwi-Man United

Lubhalwe nguMichael Madyira

Imenenja ye-Manchester United, u-Erik ten Hag, ithulele isigqoko isilomo seBafana Bafana, uBenni McCarthy, osesule njengomqeqeshi wabagadli beqembu ngemuva kwamasizini amabili.

Umsizi wemenenja uMitchell van der Gaag naye uyashiya e-Old Trafford ukuze abe umqeqeshi welinye iqembu.

“UMitchell usenqume ukuthi manje yisikhathi esifanele sokuthi afeze izifiso zakhe endaweni yokuqala,” kusho uTen Hag kwi-website ye-Manchester United. 

“Ngifuna ukuncoma umsebenzi wakhe omuhle kule minyaka emibili edlule kanye noBenni ngamagalelo akhe abalulekile. Sibathumelela izilokotho ezinhle ngekusasa labo.”

Ukuhamba kukaMcCarthy kuza njengoba esefuna nokuba yimenenja. 

Ukuthi uzohlala e-Europe noma abuyele kuPSL kusazobonakala.

UTen Hag wengeze uRene Hake kanye noRuud van Nistelrooy eqenjini lakhe lobuchwepheshe. 

“Ngiyajabula ukuthi uRene noRuud bavumile ukujoyina iphrojekthi yethu futhi bazofika nolwazi olusha kanye nomndlandla,” kusho uTen Hag.

“Manje yisikhathi esihle sokuvuselela ithimba labaqeqeshi njengoba sibheke ukwakhela phezu kwempumelelo yeminyaka emibili edlule futhi sidlulele kwelinye izinga.”

Ithimba elisha labaqeqeshi lihlose ukusiza iManchester United ukuthi iwine iPremier League okokuqala ngqa kusukela ngesizini ka-2012-13.

Isithombe esingenhla: Umqeqeshi wabashayi magoli weManchester United uBenni McCarthy osesulile kuleli qembu.  

Umthombo: IManchester United

Izihloko zakamuva