Lubhalwe nguRorisang Modiba
UTebogo Thobejane uthi lesi sigameko simshiye enengcindezi kanti kunzima nokubhekana nabantu abalimele.
Ucele ukunikwa isikhathi wathi ubonga imindeni yezisulu engamsoli ngokwenzekile.
Umlingisikazi ophinde abe isihlabani ezinkundleni zokuxhumana uTebogo Thobejane uthi kukhona ozame ukumbulala, okumshiye ephukile emoyeni.
Ubhekene nenkinga ye-post-traumatic stress disorder kanti uthi udonsa kanzima ukubhekana nempilo ngemuva kwalesi sigameko.
Esitatimendeni uTebogo uthe: “Sisabuzwa ubuhlungu ngokwenzekile.”
Ucele abantu ukuthi bamnike isikhathi nomndeni wakhe njengoba bezama ukululama. “Lesi kube yisikhathi esinzima kakhulu, kodwa ngikholwa ukuthi umthetho uzothatha indawo.”
UTebogo uthi okunye okunzima kakhulu ukubhekana nabantu abebenaye ngesikhathi sesigameko. Abanye babo balimele, kubika i-Sunday World.
“Kudingeke ukuthi ngixolise emindenini yabo futhi ngiphila necala lokuthi balimala ngenxa yesimo esixhumene nami,” kusho yena. “Ngicabanga ngakho nsuku zonke.”
Yize ebhekene nobuhlungu bakhe, uTebogo uthi uyabonga ngokuthi leyo mindeni ayizange imsole.
“Ngizoqhubeka ngibathandazela futhi ngisekele ukululama kwabo,” kusho yena.
Uthemba ukuthi abantu bazosiqonda isidingo sakhe sokucela isikhathi njengoba eqhubeka nokululama.
UTebogo uthi manje ufuna amaphoyisa enze umsebenzi wawo ngesikhathi egxile ekutheni alulame.
Osesithombeni esingenhla: UTebogo Thobejane.
Umthombo wesithombe: @tebogocthobejane