Lungani Zungu
Eneminyaka engama-20, uMprofethi wase-Nigeria uTemitope Balogun “TB” Joshua wayesevele eshumayela ivangeli endaweni yangakubo ese-Arigidi Akoko e-Nigeria.
Eminyakeni eyishumi kamuva, waba ngumuntu owaziwayo emhlabeni wonke ngeSonto lakhe i-Church of All Nations, elizinze e-Lagos eningizimu yentshonalanga ye-Nigeria.
Umzala wakhe ozinze eThekwini, u-Akiri, uthe uJoshua ubelokhu engumuntu othanda isonto kusukela esemncane.
Uthe kube buhlungu kuye ukuvalelisa uJoshua.
“Ubengumuntu obethandwa ngabantu abaningi ezwenikazi i-Afrika. Siyethemba ukuthi umsebenzi wakhe omuhle wokuhlonipha uNkulunkulu uzomlandela.”
Ngabe ubegubha iminyaka engama-58 yokuzalwa ngoMgqibelo. Imbangela yokushona ayizange ishiwo, yize bekungacaci ukuthi lokhu kungenxa yokuthi kungenzeka ukuthi kuphazamise isimangalo sakhe sokuthi unamandla okwelapha ukhuvethe.
Ukuthandwa kukaJoshua kwaholela ekutheni abantu abaningi bathutheleke esontweni lakhe kwathi ngowezi-2014 lokhu kwaholela ekuweni kwesinagoge lakhe elinezitezi ezine, kwashona abantu abangaphezu kwe-115.
Kulaba, abangama-84 kwakungabantu baseNingizimu Afrika.
Phakathi kwabo kwakukhona abashadikazi baseThekwini, uDkt Dickie Ngcobo nomyeni wakhe uThuthukani Ngcobo.
Umndeni wabo unqabile ukuphawula ngesikhathi uthintwa i-Scrolla.Africa.
Ngowezi-2015, abaphenyi bathola ukuthi ukubhidlika kwakungumphumela wobudedengu.
Noma kunjalo, uJoshua akaze aboshwe.
U-Akiri umcelele uxolo.
“Ubengumuntu ovelele yingakho abantu abaningi bebefuna ukuhlala besesontweni lakhe. Kodwa ubengeyena umuntu ongcwele”
Kuliqiniso, uJoshua wayengengcwele, futhi ubehlezi engundabamloyeni.
Wavusa ulaka lwabantu abaningi ngesikhathi ethi unekhambi lezitabane.
Abantu abaningi e-Nigeria babefuna isonto lakhe livale iminyango yalo.
Abantu abaningi babamba ongezansi kanti abanye bathukuthele ngokusho kwakhe ukuthi uyakwazi ukwelapha ukhuvethe
Kodwa-ke, amalungu ebandla likaJoshua abemeseka, futhi akekho noyedwa kubalandeli bakhe abayizigidi ezi-3.5 owake wamphonsela inselelo ngezimangalo zakhe.
Wayedume kakhulu uJoshua kangangokuthi ngowezi-2011 kwathiwa ungumfundisi wesithathu wase-Nigeria ocebe kakhulu.
U-Akiri uthe umndeni wakhe uzomemezela imininingwane ephelele ngomngcwabo.